Skip to Content

"khuphukela"

12 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 25:35

UDavide wayesamukela esandleni sakhe lokho amlethele khona ; wathi kuye: Khuphukela endlini yakho ngokuthula ; bheka, ngililalele izwi lakho , ngibuvumile ubuso bakho.

2 iziKronike 18:11

Bonke abaprofethi baprofetha kanje , bathi: Khuphukela eRamoti Gileyadi , ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

U-Eksodusi 24:1

Wathi kuMose: Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.

U-Eksodusi 24:12

UJehova wayesethi kuMose : Khuphukela kimi entabeni , uhlale khona , ngikunike izibhebhe zamatshe , nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.

U-Isaya 40:9

Khuphukela entabeni ende , wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho , wena Jerusalema obika okujabulisayo , uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi : Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.

UDuteronomi 32:49

Khuphukela entabeni yase -Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,

UDuteronomi 3:27

Khuphukela esiqongweni sasePisiga , uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho , ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.

UJeremiya 22:20

Khuphukela eLebanoni, ukhale; phakamisa izwi lakho eBashani , ukhale use-Abarimi, ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

UJeremiya 46:11

Khuphukela kwaGileyadi , uthathe ibhalisamu , wena ntombi , ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.

UJeremiya 50:21

Khuphukela ezweni laseMeratayimi , kulona nakwabakhileyo ePhekodi , uchithe, uqede nya emva kwabo , usho uJehova , wenze konke engikuyale ngakho.

UJoshuwa 17:15

UJoshuwa wathi kubo : Uma uyisizwe esikhulu , khuphukela ehlathini , uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa , lokhu izintaba zakwa - Efrayimi ziminyene kuwe.

UNumeri 27:12

UJehova wathi kuMose : Khuphukela entabeni yase -Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli.