Skip to Content

"kuleso"

24 occurrences in ZUL

1 iziKronike 27:1

Nampa abantwana bakwa -Israyeli ngomumo wabo , izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu , nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba , ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka ; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

1 iziKronike 9:18

Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga ; babe ngabalindisango bekamu labantwana bakwaLevi.

NgokukaJohane 19:27

Wayesethi kumfundi : Bheka unyoko . Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.

NgokukaLuka 13:16

Kepha lona , eyindodakazi ka -Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili , bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?

NgokukaLuka 16:16

Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwa fika uJohane ; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa , wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.

NgokukaMathewu 15:28

Khona uJesu waphendula , wathi kuye : O mame , kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho. Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine (Mark. 7:31; 8:1)

NgokukaMathewu 16:21

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

NgokukaMathewu 17:18

UJesu wayeseyikhuza , idemoni laphuma kuyo ; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.

NgokukaMathewu 4:17

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi : Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

NgokukaMathewu 9:22

UJesu ephenduka wambona , wathi: Yima isibindi , ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

U-Ezra 5:16

Wayesefika lowo Sheshebasari , wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo , kayikapheli.

U-Ezra 9:2

Ngokuba bazithathele amadodakazi abo , bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe ; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.

UDuteronomi 1:23

Leyo nto yaba nhle emehlweni ami , ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, kwaba yindoda inye kuleso naleso sizwe.

UGenesise 39:5

Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa ; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.

UHezekeli 1:11

Babunjalo ubuso bazo . Amaphiko azo ayahlukene phezulu ; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.

UHezekeli 1:15

Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.

UNehemiya 13:21

Ngabaxwayisa, ngathi kubo : Nilalelani malungana noganga na ? Uma niphinda, ngiyakubeka isandla sami kini. Kusukela kuleso sikhathi abafikanga ngesabatha.

UNumeri 17:6

UMose wakhuluma kubantwana bakwa -Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili.

UNumeri 1:4

Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe , yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.

UNumeri 31:4

kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.

UNumeri 31:5

Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa -Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi.

UNumeri 31:6

UMose wabathuma empini , kwaba yinkulung wane kuleso naleso sizwe , bona noFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.

UNumeri 34:18

Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

UZakariya 4:2

Yathi kimi: Ubonani na? Ngathi: Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwal o, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo ; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,