Skip to Content

"kulokhu"

25 occurrences in ZUL

1 iziKronike 17:25

Ngokuba wena Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu ; ngalokho inceku yakho ifike kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho.

1 kwabaseKorinte 15:19

Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela , singabokukhalelwa kunabantu bonke.

2 AmaKhosi 1:2

U-Ahaziya wawa eheleni lekame lo lakhe eliphezulu laseSamariya , wagula, wathuma izithunywa , wathi kuzo : Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.

2 kwabaseKorinte 8:10

Kulokhu nginitshela ukubona kwami ; ngokuba lokhu kulungele nina enaqala nyakenye, kungekwenza kuphela kepha nokuthanda;

IsAmbulo 22:18

Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kule ncwadi;

IzEnzo 24:16

Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.

KumaHeberu 12:1

Ngalokho-ke nathi , lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi , sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,

KumaHeberu 6:17

Kulokhu-ke uNkulunkulu , ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo,

KwabaseGalathiya 1:20

Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani , phambi kukaNkulunkulu , angiqambi amanga.

KwabaseRoma 14:18

ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu , ukholekile kubantu.

NgokukaJohane 4:37

Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi : Omunye uyahlwanyela , omunye avune.

NgokukaLuka 21:6

Kuyakufika izinsuku , lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.

U-Eksodusi 18:11

Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.

U-Isaya 34:16

Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu , ayikho eyakuswela umngane wayo , ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile , nomoya wakhe okuhlanganisile.

U-Isaya 42:23

Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?

U-Isaya 55:11

liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.

UDuteronomi 1:11

UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.

UGenesise 27:8

Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho.

UHagayi 2:13

Wayesethi uHagayi : Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na? Abapristi baphendula bathi: Kuyakungcola.

UHezekeli 42:14

Lapho abapristi bengena , abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele ; bayakwembatha ezinye izingubo , basondele kulokhu okungokwabantu.

UHezekeli 45:2

Kulokhu kuyakuba ngokwendlu engcwele okubude bakho bungezamakhulu ayisihlanu nokobubanzi bakho bungamakhulu ayisihlanu , kunezinhlangothi ezine nxazonke, nezingalo ezingamashumi ayisihlanu zibe ngezamadlelo akho nxazonke.

UJeremiya 31:26

Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.

UJeremiya 38:20

Kepha uJeremiya wathi : Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe ; kuyakuba kuhle kuwe , umphefumulo wakho uphile.

UJobe 37:14

Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

UmShumayeli 7:18

kuhle ukuba ubambelele kulokhu , yebo, ungabuyisi isandla sakho nakulokho, ngokuba owesaba uNkulunkulu uyakuphumelela kukho konke.