Skip to Content

"kulungile"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:18

UBati-Sheba wathi: Kulungile; ngizakukukhulumela enkosini.

1 uSamuweli 20:7

Uma esho ukuthi : Kulungile, inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi.

2 uSamuweli 19:6

ngokubathanda abakuzondayo nangokubazonda abakuthandayo . Ngokuba umemezele namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe, lokhu ngibona namuhla ukuthi uma ebephilile u -Abisalomu thina sonke besifile namuhla , ngabe kulungile emehlweni akho.

IzEnzo 4:19

Kepha oPetru noJohane baphendula , bathi kubo : Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,

Kwabase-Efesu 6:1

Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.

KwabaseRoma 11:20

Kulungile; aphulwa ngokungakholwa , wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;

NgokukaJohane 5:30

Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo ; ukwahlulela kwami kulungile , ngokuba nginga funi eyami intando kepha intando yongithumileyo.

UJeremiya 40:4

Bheka, manje sengiyakukhulula namuhla emaketangeni asezandleni zakho . Uma kukuhle emehlweni akho ukuya nami eBabele , woza ngiyakukubheka; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele , kuyeke; bheka, izwe lonke lisebusweni bakho ; lapho kukuhle nalapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.

UJeremiya 40:5

Engakabuyi, yathi: Buyela kuGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani , inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda , uhlale naye p hakathi kwabantu ; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho . Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho , yamvumela ukuba ahambe.

UJobe 11:4

Ngokuba uthi: Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.

UJobe 16:17

noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.

UJobe 35:2

Usho uthi lokhu kulungile na? Uthi: Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,

URuthe 3:13

Hlala lobu busuku ; kuyakuthi ekuseni , uma ekuhlenga , kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga , mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.