Skip to Content

"kumakhelwane"

18 occurrences in ZUL

AmaHubo 12:2

Bakhuluma amanga , kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.

IzAga 3:28

Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi : Hamba, ubuye, ngiyakukunika kusasa, lapho kukhona kuwe.

KwabaseRoma 13:10

Uthando alwenzi okubi kumakhelwane ; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Ukuhamba ekukhanyeni

U-Eksodusi 11:2

Khuluma manje ezin dlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe , yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.

U-Eksodusi 22:10

Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo , noma inkabi, noma imvu , noma kungaba yisilwane sini , ukuba akulondoloze, bese kufa , noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,

U-Eksodusi 22:7

Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu , isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.

U-Eksodusi 3:22

kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.

UDuteronomi 15:2

Nansi indlela yoyekelo: Yilowo nalowo otshelekileyo uyakuyekela lokho akutshelekile umakhelwane wakhe ; akayikukubiza kumakhelwane wakhe nakumfowabo, ngokuba uyekelo lukaJehova lumenyezelwe.

UJeremiya 23:27

abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?

UJeremiya 23:30

Ngalokho bheka , ngimelene nabaprofethi , usho uJehova , abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.

UJeremiya 23:35

Niyakusho kanje, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe , kube yilowo nalowo kumfowabo , nithi: U Jehova uphendule wathini ? nokuthi: UJehova ukhulumeni?

UJeremiya 34:15

Nina-ke seniphendukile namuhla , nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.

UJeremiya 34:17

Ngalokho usho kanje uJehova , uthi: Nina aningilalelanga u kuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo , yilowo nalowo kumakhelwane wakhe ; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka , usho uJehova, nginikhululele inkemba , nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.

UJeremiya 36:16

Kwathi lapho sezizwile onke amazwi , zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso , zathi kuBaruki : Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi.

UJeremiya 9:8

Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo , lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo , kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

UJobe 16:21

ukuba amphikele umuntu kuNkulunkul u nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.

ULevitikusi 25:14

Uma uth engisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani;

ULevitikusi 25:15

njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.