Skip to Content

"kumelwe"

22 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 3:15

kepha uma ngilibala , khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.

1 kuThimothewu 3:7

Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle , funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

1 kwabaseKorinte 11:19

Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.

1 kwabaseKorinte 15:53

Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli , nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.

1 kwabaseKorinte 7:36

Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe , uma isikhulile ngeminyaka , akenze akubonayo , uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane.

2 kaPetru 3:11

Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu,

2 kwabaseKorinte 12:1

Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi ; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.

IsAmbulo 10:11

Zase zithi kimi : Kumelwe ukuba uphinde uprofe the ngabantu abaningi , nezizwe, nezilimi, namakhosi.

IsAmbulo 11:5

Uma kukhona ofuna ukona laba , kuphuma umlilo emlonyeni wabo , udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba , kumelwe ukuba abulawe kanjalo.

IsAmbulo 17:10

ayisihlanu asewile , enye ikhona , enye ayikafiki ; nanxa isifikile , kumelwe ukuba ihlale isikhashana.

IsAmbulo 20:3

yamphonsa-ke kw alasha, yamvalela phakathi , yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe , ukuze angabe esadukisa izizwe , ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana. Ukuvuka kokuqala. Umbuso weminyaka eyinkulungwane

IzEnzo 15:5

Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo , bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.

IzEnzo 1:22

kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.

IzEnzo 20:35

Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje , nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: Kubusisekile ukupha kunokwamukela.

NgokukaLuka 21:9

Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu , ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.

NgokukaLuka 22:37

Ngokuba ngithi kini : Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: Wabalwa kanye nezelelesi ; ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.

NgokukaLuka 24:44

Wayesethi kubo : Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.

NgokukaLuka 2:49

Wathi kubo: Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?

NgokukaMarku 13:7

Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi , ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

NgokukaMathewu 24:6

Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi . Bhekani ningethuki , ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

NgokukaMathewu 26:54

Pho-ke ingagcwaliseka kanjani imibhalo yokuthi kumelwe ukuba kube njalo na?

UHezekeli 24:12

Ngizikhathazile ngeze , nokho ukugqwala kwalo okuningi akuphumanga kulo; ukugqwala kwalo kumelwe kube semlilweni.