Skip to Content

"kunabo"

30 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:9

kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho , wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa u kuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,

1 AmaKhosi 16:25

Kepha u -Omri wenza okubi emehlweni kaJehova , wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.

1 AmaKhosi 16:30

Kepha u -Ahabi, indodana ka -Omri, wenza okubi emehlweni kaJehova kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.

1 AmaKhosi 4:31

Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu : kuno-Ethani umEzra , noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi , negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.

1 kwabaseKorinte 15:10

Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho , nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke ; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

1 uSamuweli 10:23

Bagijima, bamlanda khona; wema phakathi kwabantu , wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuya phezulu.

1 uSamuweli 9:2

Wayenendodana egama layo lalinguSawule , insizwa enhle ; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.

2 kwabaseKorinte 11:23

Bayizikhonzi zikaKristu na ? Ngikhulumisa okohlanya -- ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo , nasekuboshweni kaningi kunabo , nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.

AbAhluleli 16:30

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

AmaHubo 119:99

Ngiyaqonda kunabo bonke abang ifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.

KumaHeberu 6:16

Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo ; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise.

Kwabase-Efesu 3:8

Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

KwabaseGalathiya 1:14

futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi , ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho.

NgokukaJohane 10:29

UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke ; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.

NgokukaLuka 13:2

Waphendula, wathi kubo: Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?

NgokukaLuka 21:3

wathi: Ngiqinisile ngithi kini : Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke.

NgokukaMarku 12:43

Wayesebabiza abafundi bakhe , wathi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni,

U-Eksodusi 18:11

Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.

UDaniyeli 1:15

Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle , babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.

UDuteronomi 9:14

ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu , ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.

UGenesise 19:9

Bathi: Suka lapha! Bathi futhi: Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale ; usefuna ukwahlulela ; manje siyakukuh lupha wena kunabo . Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

UGenesise 34:19

Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho , ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.

UHezekeli 16:47

Awuhambanga ngezindlela zabo , awenzanga ngezinengiso zabo , kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje , wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.

UHezekeli 16:51

ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho ; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.

UJobe 1:3

Impahla yakhe yayiyizimvu eziyiz inkulungwane eziyisikhombisa , namakamela ayizinkulungwane ezintathu , namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi , nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu , nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.

UNumeri 12:3

Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

UNumeri 14:12

Ngiyakubashaya ngesifo , ngibaphuce ifa , ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.

UmShumayeli 1:16

Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu , ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema , yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.

UmShumayeli 2:9

Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi.

UmShumayeli 5:8

Uma ubona u kudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni , ungamangali ngakho , ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.