Skip to Content

"kupilatu"

11 occurrences in ZUL

IzEnzo 13:28

nakuba bengafumananga icala lokufa kuye , nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.

NgokukaJohane 19:21

Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu : Ungalobi ukuthi: Inkosi yabaJuda, kepha ukuba yena wathi: NgiyiNkosi yabaJuda.

NgokukaJohane 19:38

Emva kwalokho uJosefa wase -Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda , wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu.

NgokukaLuka 23:1

Kwase kusuka uquqaba lonke, lwamyisa kuPilatu.

NgokukaLuka 23:11

Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.

NgokukaLuka 23:52

yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu.

NgokukaMarku 15:1

Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo , bambopha uJesu , bamqhuba, bamnikela kuPilatu.

NgokukaMarku 15:43

kwafika uJosefa wase -Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi , owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu.

NgokukaMathewu 27:2

bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.

NgokukaMathewu 27:58

lo waya kuPilatu , wacela isidumbu sikaJesu . Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona.

NgokukaMathewu 27:62

Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu,