Skip to Content

"kusekhona"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:8

Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Kusekhona umuntu munye , uMikhaya, indodana kaJimila , esingabuza ngaye kuJehova , kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi . Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.

1 kwabaseKorinte 3:3

ngokuba niseyibo abenyama . Ngokuba uma kusekhona pha kathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na?

2 iziKronike 18:7

Inkosi yakwa -Israyeli yathi kuJehoshafati : Kusekhona umuntu munye esingabuza ngaye kuJehova , kodwa ngiyamzonda , ngokuba akazange aprofethe okuhle ngami, kepha okubi njalo; nguMikhaya indodana kaJimila. Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.

2 uSamuweli 1:9

Wathi kimi : Ake ume ngakimi , ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.

2 uSamuweli 3:6

Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide , u- Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.

AmaHubo 119:91

Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.

AmaHubo 72:5

Bayakwesaba wena , kusekhona ilanga nenyanga , izizukulwane ngezizukulwane.

KumaHeberu 4:1

Ngakho-ke masesabe ukuba , kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.

U-Amose 6:10

Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: Kusekhona muntu kuwe na ? yena esephendula athi : Akusekho, khona wothi : Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.

U-Eksodusi 5:13

Abaphathi babaqhuba, bathi: Qedani imisebenzi yenu , imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.

U-Isaya 6:13

Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo , yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte ne-oki okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.

UJobe 27:3

kusekhona ukuphefumula kimi, nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,

UMika 6:10

Kusekhona inzuzo embi endlini yababi, ne-efa elincane eliqalekiswayo, na?