Skip to Content

"kusukuma"

8 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 25:29

Noma kusukuma umuntu ukukuxosha nokufuna ukuphila kwakho , umphefumulo wenkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho ; imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.

2 iziKronike 28:12

Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwa -Efrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani , noBerekiya indodana kaMeshilemoti , noJehizikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,

2 iziKronike 29:12

Kwase kusukuma amaLevi : nguMahathi indodana ka -Amasayi noJoweli indodana ka -Azariya emadodaneni amaKohati ; emadodaneni kaMerari : nguKishi indodana ka-Abidi no-Azariya indodana kaJehaleli; kumaGereshoni: nguJowa indodana kaZima no-Edene indodana kaJowa;

IzEnzo 5:34

Kwase kusukuma omunye emphakathini , umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke , wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;

NgokukaLuka 10:25

Bheka, kwase kusukuma isazimthetho esithile , samlinga sathi : Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?

NgokukaMarku 14:60

Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo , wambuza uJesu , wathi: Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?

NgokukaMathewu 26:62

Kwase kusukuma umpristi omkhulu , wathi kuye : Awuphenduli lutho na ? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?

UJeremiya 26:17

Kwase kusukuma amanye amalunga ezwe, asho kulo lonke ibandla labantu, athi: