Skip to Content

"kuthi"

79 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:24

Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova ; bese kuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe nguye onguNkulunkulu . Bonke abantu bathi: Lihle leli zwi.

1 AmaKhosi 1:17

Wathi kuyo : Nkosi yami , wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngo kuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.

1 kaPetru 2:12

nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe , ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi , ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi

1 kaPetru 2:24

yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini , ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni , oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;

1 kaPetru 3:1

Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu , ukuze kuthi , uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo,

1 kaPetru 3:16

kodwa kube ngobumnene nang okwesaba, nibe nonembeza omuhle , ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.

1 kaPetru 4:13

kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu , thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze , nethabe nokwethaba.

1 kwabaseKorinte 16:2

Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika , kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.

1 kwabaseKorinte 1:31

ukuze kuthi njengokulotshiweyo: Ozibongayo akazibonge eNkosini.

2 kaPetru 2:21

Ngokuba ngabe kwab a ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.

2 kwabaseKorinte 12:21

funa kuthi eku fikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile , bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.

2 kwabaseKorinte 2:3

Ngakuloba khona lokho , funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo , nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke.

2 kwabaseKorinte 8:14

ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana,

2 kwabaseKorinte 9:3

Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele,

2 kwabaseKorinte 9:8

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame , ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke , nivame imisebenzi yonke emihle,

2 kwabaseThesalonika 1:4

kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo,

AbAhluleli 20:36

Base bebona abantwana bakwaBenjamini u kuthi banqotshiwe ; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.

AmaHubo 28:1

Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

AmaHubo 29:9

Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala ; lihluba amahlathi ; nasethempelini lakhe konke kuthi: Udumo!

AmaHubo 49:11

Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane ; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.

AmaHubo 90:10

Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi , zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane , thina siyandiza, simuke.

AmaHubo 90:2

Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona.

IsAmbulo 12:4

umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu , waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha , ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.

IsAmbulo 4:9

Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubon ga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,

IsAmbulo 5:13

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini , nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho , ngakuzwa kuthi : Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhos i nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.

IzAga 24:34

bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma , nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.

IzAga 25:4

Susa amanyela esiliveni, bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.

IzAga 25:5

Susa omubi phambi kwenkosi, bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.

IzAga 6:11

bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma , nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.

IzAga 9:3

Kuthumile izintombi zakho , kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi , kuthi:

IzAga 9:4

Ongenalwazi makaphambukele lapha, kongenangqondo kuthi:

IzEnzo 25:26

Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi ; ngakho ngimlethile phambi kwenu , ikakhulu phambi kwakho, nkosi Agripha , ukuze kuthi sekuhloliwe, ngibe nakho engingakuloba.

IzEnzo 5:15

ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo , bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo.

IzEnzo 9:2

wacela kuye izincwadi zokuya eD amaseku emasinagogeni, kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela , abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.

KumaHeberu 11:3

Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.

KumaHeberu 4:1

Ngakho-ke masesabe ukuba , kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.

Kwabase-Efesu 2:7

kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

KwabaseFilipi 1:27

Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu , kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho , ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,

KwabaseFilipi 2:10

ukuze kuthi ngegama likaJesu amado lo onke aguqe , awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,

KwabaseFilipi 2:28

Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma , ukuze kuthi nxa senimbon a futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi.

KwabaseRoma 10:6

Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi : Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: Ngubani ozakwenyukela ezulwini na ? okungukuthi ukwehlisa uKristu,

KwabaseRoma 1:20

Ngokuba okungabonwayo kwakhe , kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe , ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,

NgokukaJohane 16:4

kepha lokho ngikukhulume kini , ukuze kuthi , nxa kufika leso sikhathi , nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani. Umsebenzi kaMoya oNgcwele

NgokukaJohane 2:10

Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala , kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.

NgokukaJohane 5:4

Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi , izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini.

NgokukaJohane 5:7

Ogulayo wamphendula wathi : Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini , nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.

NgokukaLuka 13:32

Wathi kubo : Hambani nithi kuleyo mp ungushe: Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa , kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.

NgokukaLuka 14:29

Funa kuthi esebeke isisekelo , engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka,

NgokukaLuka 16:22

Kwase kuthi wafa ompofu , wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika- Abrahama; nesicebi safa, sembelwa.

NgokukaLuka 16:9

Nami ngithi kini : Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile , ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.

NgokukaLuka 19:8

Kodwa uZakewu wa sukuma, wathi eNkosini : Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami ; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.

NgokukaLuka 21:5

Besakhuluma abanye ngethempeli u kuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo:

NgokukaLuka 8:13

Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile , balamukele izwi ngokuthokoza ; kepha laba kabanampande , bakholwa isikhasha na nje , kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.

NgokukaMarku 4:17

kepha kabanampande phakathi kwabo , kodwa bahlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi , bakhubeke masinyane.

NgokukaMarku 9:18

Kuthi lapho eyibambayo , uyidonsela phansi , ikhihlize amagwebu , igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.

NgokukaMarku 9:31

ngokuba wabafundisa abafundi bakhe , wathi kubo : INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu , bazakuyibulala; kuthi isibulewe , izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMathewu 12:45

Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye , bangene bahlale khona ; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Mark. 3:31; Luk. 8:19)

NgokukaMathewu 13:21

kepha kanampande phakathi kwakhe , kodwa uhlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.

NgokukaMathewu 16:3

kuthi kusasa nithi : Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?

NgokukaMathewu 21:25

Ukubhapathiza kukaJ ohane kwavelaphi , ezulwini nokuba kubantu , na? Bakhulumisana bodwa , bathi: Uma sithi : Ezulwini, uzakuthi kuthi : Pho, anikholwanga nguye ngani na?

NgokukaMathewu 27:64

Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: Uvukile kwabafileyo; kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.

U-Eksodusi 1:10

masizihlakaniphele maqondana nabo , funa bande , kuze kuthi lapho kuphuma impi, bahlangane nezitha zethu, balwe nathi, bamuke ezweni.

U-Eksodusi 3:21

Ngiyakunika lesi sizwe umusa emehlweni abaseGibith e, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe lutho,

U-Ezra 9:2

Ngokuba bazithathele amadodakazi abo , bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe ; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.

U-Isaya 65:16

ukuze kuthi ozibusisa emhlaben i azibusise kuNkulunkulu weqiniso , nofunga emhlabeni , afunge uNkulunkulu weqiniso , ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele nangokuba zisithele emehlweni ami. Izulu elisha nomhlaba omusha

U-Isaya 7:22

bese kuthi ngobuningi bobisi ezilwehlisayo idle amangqanga , ngokuba amangqanga nezinyosi bayakukudla bonke abasele ezweni.

UDaniyeli 8:2

Ngabona embonweni ; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase -Elamu; ngabona-ke embonweni , ngangisemfuleni i-Ulayi.

UDuteronomi 21:15

Uma umuntu enabafazi ababili , omunye ethandeka omunye aliwa , bamzalele abantwana , othandekayo nowaliwayo , bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,

UDuteronomi 25:2

kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe.

UDuteronomi 25:3

Angamshaya imivimbo engamashumi amane , angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo , kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.

UDuteronomi 29:19

kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo , azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ng enkani yenhliziyo yami , ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,

UDuteronomi 29:20

uJehova angamthetheleli , kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.

UDuteronomi 7:20

Futhi uJehova uNkulunkulu wakho uyakuthuma iminyovu phakathi kwazo, kuze kuthi bona abaseleyo abazithukusayo baphele phambi kwakho.

UGenesise 2:19

UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

UHezekeli 38:13

ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?

UJeremiya 44:29

Lesi siyakuba yisibonakaliso kini , usho uJehova , U kuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.

UJobe 28:22

Ukubhujiswa nokufa kuthi: Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.

UJoshuwa 10:1

Kwathi lapho u -Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i -Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo , wayenze njalo kulo i -Ayi nenkosi yalo no kuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,

UJoshuwa 4:6

ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu , kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo , bethi: Ayini lawa matshe kini na?