Skip to Content

"kuvele"

14 occurrences in ZUL

IzEnzo 15:2

Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nok uphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.

KumaHeberu 7:11

Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho -- kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?

KwabaseFilipi 3:20

Kepha thina singabombuso wasezulwini , lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,

KwabaseRoma 3:8

Kungabi ngukuthi , njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi , ukuze kuvele okuhle na ? Ukulahlwa kwabo kubafanele. AbaJuda banesono njengabanye

NgokukaJohane 1:46

UNathanayeli wathi kuye: Kungase kuvele okuhle eNazaretha na? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.

NgokukaLuka 7:16

Bafikelwa ngukwesaba bonke , bamdumisa uNkulunkulu , bathi: Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu , nokuthi: UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.

UDaniyeli 7:24

Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi , kuvele enye emva kwawo ; iyakwahluka kwawokuqala , ithobise amakhosi amathathu.

UGenesise 17:16

Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye ; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.

UGenesise 17:6

Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho , ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.

UHezekeli 38:10

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi.

UJeremiya 4:6

Misani ibhanela elibheka ngaseSiyoni , nibaleke ningemi , ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele ngasenyakatho nokubhujiswa okukhulu.

UJobe 31:40

makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni , kuvele ukhula endaweni yebhali. Amazwi kaJobe asephelile.

ULevitikusi 13:2

Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo , kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko , makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,

UNehemiya 7:65

Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele , kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumimi.