Skip to Content

"kuvunyelwe"

12 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 10:23

Kuvunyelwe konke , kodwa akusizi konke ; kuvunyelwe konke , kodwa akwakhi konke.

1 kwabaseKorinte 6:12

Konke kuvunyelwe kimi , kepha akusizi konke . Konke kuvunyelwe kimi , kepha mina anginakubuswa lutho.

IzEnzo 22:25

Kepha besamelula ngemichilo , uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?

NgokukaLuka 14:3

UJesu wathatha , wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi : Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?

NgokukaLuka 6:9

UJesu wathi kubo : Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?

NgokukaMarku 10:2

Kwase kusondela kuye abaFarisi , bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.

NgokukaMarku 12:14

Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?

NgokukaMarku 3:4

Wayesethi kubo: Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini , ukusindisa umuntu noma ukumbulala na? Kepha bathula.

NgokukaMathewu 12:10

Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo ; bambuza bathi : Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? -- ukuze bammangalele.

NgokukaMathewu 12:12

Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.

NgokukaMathewu 19:3

Kwase kusondela kuye abaFarisi , bamlinga bathi : Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?

NgokukaMathewu 22:17

Ngakho sitshele, uthini wena? Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?