"kuyini"
43 occurrences in ZUL
Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye : Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?
UDavide wathi kuSawule : Mina ngingubani , kuyini ukuphila kwami , nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?
UJonathani wayesethi kuDavide : Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo , ngiyakukwenzela khona.
Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na ? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.
Inkosi yathi : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na ? U-Ahimahasi wathi : Ngabona isixuku sabantu , lapho uJowab e inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.
Abantu bom uzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa , lingakashoni ilanga : Kuyini okumnandi kunezinyosi ? Kuyini okunamandla kunengonyama na ? Wathi kubo: Uma beningalimanga ngesithokazi sami , ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.
Abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda behlela ofantwini lwedwala lase -Etamu, bathi kuSamsoni : Awukwazi yini ukuthi amaFilisti abusa phezu kwethu na ? Kuyini, pho, lokho okwenzile kithina na ? Wathi kubo: Njengalokho benza kimi, ngenze njalo kubo.
anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na ? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla , yagudluka nayo , yayibuza bebodwa, yathi: Kuyini ozakungibikela khona na?
nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,
Ngalokho kuyini umJuda adlula abanye ngakho na ? Kukho, ukusoka kunokusiza kuni na?
UJesu washo lo mfanekiso kubo ; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.
Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona , kubuye kube yisikhashana ningibone, nokuthi: Ngokuba ngiya kuBaba, na?
Bathi: Kuyini lokho akushoyo ukuthi: Yisikhashana, na? Asazi ukuba uthini.
UJesu wathi kuye: Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike , kuyini kuwe na? Wena landela mina.
Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa . Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Isigcino
Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhal i eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?
Wambiza, wathi kuye : Kuyini lokhu engikuzwa ngawe na ? Landa ngobuphathi bakho, ngokuba ungebe usaba ngumphathi.
Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: Kuyini lokhu?
Kwase kusukuma umpristi omkhulu phakathi kwabo , wambuza uJesu , wathi: Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?
Bethuka bonke , babuzana bodwa , bathi: Kuyini lokhu ? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.
Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.
Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.
Kwase kusukuma umpristi omkhulu , wathi kuye : Awuphenduli lutho na ? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?
wathi: Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala . Bona bathi : Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.
Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo , ithi: Kuyini lokhu? wothi kuyo : Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe , indlu yobugqila.
Bakubona abantwana bakwa -Israyeli, bathi omunye komunye : Yini le ? ngokuba babengazi ukuthi kuyini . UMose wathi kubo : Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.
Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu , wathi: Kuyini lokhu obenzela khona bantu na ? Uhlalelani wedwa , abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?
Wayesethi kuye uJehova : Kuyini lokhu okusesandle ni sakho na ? Wathi: Yinduku.
U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi , ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?
UFaro wayesembiza u -Abrama, wathi: Kuyini lokho okwenze kimi na ? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
UNkulunkulu wezwa izwi lomfana . Ingelosi kaNkulunkulu yamemeza kuHagari isezulwini , yathi kuye : Kuyini, Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ulizwile izwi lomntwana, lapho ekhona.
U-Abimeleki wayesethi : Kuyini okwenzile kithina na ? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.
Kwathi ekuseni , bheka, kunguLeya; wayesethi kuLabani : Kuyini lokhu okwenzile kimi na? Angikusebenzelanga ngoRaheli na? Ungikhohliseleni na?
Wayesethi kubafowabo : Imali yami ibuyiselwe ; bhekani, isesakeni la mi. Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela , bethi: Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?
Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi, na?
Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?
Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na? Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?
Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu , bathi kuye : Kuyini lokh u okwenzileyo na? Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova , lokhu ebatshelile.
Bantu bami , ngenzeni kini ; kuyini enginikhathaze ngakho na ? Ngiphenduleni.
Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami , yathi kimi : Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.
Ngathi: Kuyini? Yathi: Lokhu kuyi -efa eliphumayo . Yabuye yathi : Lokhu kungububi babo ezweni lonke.
Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.