Skip to Content

"kuyise"

42 occurrences in ZUL

1 kaJohane 1:2

lokho kuphila kwabonakaliswa , sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina --

1 kaJohane 2:1

Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;

1 kaJohane 2:16

ngokuba konke oku sezweni, inkanuko yenyama , nenkanuko yamehlo , nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.

2 AmaKhosi 4:18

Kwathi umfana esekhulile , waphuma ngelinye ilanga , waya kuyise kubavuni.

2 AmaKhosi 4:19

Wathi kuyise: Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda! Wayesethi encekwini yakhe : Myise kunina.

AbAhluleli 11:37

Yathi kuyise: Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye , ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.

AbAhluleli 11:39

Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili , yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.

AbAhluleli 14:3

Uyise nonina base bethi kuye : Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile , na? USamsoni wathi kuyise : Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.

AbAhluleli 14:9

Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo ; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyo si esidumbini sengonyama.

AbAhluleli 1:14

Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?

AbAhluleli 9:56

Kanjalo uNkulunkulu wabuyisela ububi buka -Abimeleki abebenzile kuyise ngokubulala abafowabo abangamashumi ayisikhombisa.

EkaJakobe 1:17

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu , zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

IzAga 17:25

Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.

IzEnzo 2:33

ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu , esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele , wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.

Kwabase-Efesu 2:18

Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.

Kwabase-Efesu 3:14

Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,

KwabaseFilipi 2:22

Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise.

NgokukaJohane 13:1

Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe , aye kuYise , ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

NgokukaJohane 1:14

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

NgokukaLuka 15:12

Encane yawo yayisithi kuyise : Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami ; wawahlukanisela impahla.

NgokukaLuka 15:20

Yayisisuka, yafika kuyise ; kepha ku the isekude , uyise wayibona , waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.

NgokukaLuka 15:29

Kodwa yaphendula, yathi kuyise: Bheka, iminyaka engaka ngikukhonzile ; angizange ngeqe umyalo wakho , kepha mina awuzange ungiphe nazinyane lembuzi ukuba ngijabule nabahlobo bami,

NgokukaLuka 9:42

Kuthe iseza , idemoni layiwisa phansi , layihlukumeza kakhulu ; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.

NgokukaMarku 7:11

kepha nina nithi : U ma umuntu ethi kuyise noma kunina : YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,

NgokukaMarku 9:21

Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na ? Wathi: Kwasebuntwaneni.

NgokukaMathewu 15:5

Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi : Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,

U-Isaya 45:10

Wo kuye osho kuyise ukuthi : U zalani na ? nakowesifazane ukuthi : Unemihelo ngani na?

UGenesise 27:18

Yena waya kuyise , wathi: Baba! Wathi yena : Ngilapha; ungubani wena ndodana yami na?

UGenesise 27:19

UJakobe wathi kuyise : Ngingu-Esawu izibulo lakho ; ngenze njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.

UGenesise 27:31

Naye wenza isilovela, wasiyisa kuyise; wathi kuyise: Ubaba makavuke, adle inyamazane yendodana yakhe ukuba umphefumulo wakho ungibusise.

UGenesise 27:34

U-Esawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: Ngibusise nami, baba!

UGenesise 27:38

Wayesethi u-Esawu kuyise: Baba, sinye nje isibusiso sakho na ? Ngibusise nami, baba! U-Esawu wadazuluka, wakhala.

UGenesise 31:35

Wathi kuyise : Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho , ngokuba indlela yabesifazane ikimi . Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.

UGenesise 34:11

UShekemi wayesethi kuyise nakubanewabo : Ake ngifumane umusa emehlweni enu; lokho eniyakukusho kimi, ngiyakuninika khona.

UGenesise 34:4

UShekemi wakhuluma kuyise uHamori , wathi: Ngithathele le ntombazana , ibe ngumkami.

UGenesise 37:2

Lokhu kuyindaba kaJakobe . UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

UGenesise 37:22

URubeni wathi kubo : Ningachithi gazi ; mphonseni kulo mgodi osehlane , ningabeki isandla kuye, ukuba amophule esandleni sabo, ambuyisele kuyise.

UGenesise 37:32

Bathumela leyo ngubo enemikhono emide , bayiyisa kuyise , bathi: Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini , noma akusiyo na?

UGenesise 42:37

Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.

UGenesise 45:23

Kuyise wathuma kanje : izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi , zithwesiwe amabele , nesinkwa, nomphako kayise endleleni.

UGenesise 48:18

Wayesethi uJosefa kuyise : Kungabi njalo , ngokuba lo uyizibulo ; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.

UJoshuwa 15:18

Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?