Skip to Content

"kwabafileyo"

83 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:21

enikholwa nguNkulunkulu ngaye , owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

1 kaPetru 1:3

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,

1 kwabaseKorinte 15:12

Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo , basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?

1 kwabaseKorinte 15:13

Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

1 kwabaseKorinte 15:14

Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo , ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.

1 kwabaseKorinte 15:20

Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.

1 kwabaseKorinte 15:21

Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu , ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

1 kwabaseKorinte 15:4

nokuthi wembelwa , nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,

1 kwabaseKorinte 15:42

Kunjalo nokuvuka kwabafileyo . Kuhlwanyelwa kunokubola , kuvuswa kungenakubola;

1 kwabaseThesalonika 1:10

nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini , ayivusa kwabafileyo , uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.

1 kwabaseThesalonika 4:12

ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho. Ukuvuka kwabafileyo

2 kuThimothewu 2:18

abadukileyo mayelana neqiniso , bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile , bechitha ukukholwa kwabanye.

2 kuThimothewu 2:8

Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo , wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,

AmaHubo 88:5

Icansi lami liphakathi kwabafileyo ; nginjengababuleweyo abalele ethuneni, ongasabakhumbuli, benqunyiwe esandleni sakho.

IsAmbulo 11:18

nezizwe zazinolaka , kepha kwafika ulaka lwakho , nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo , nokunika umvuzo izinceku zakho , abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho , abancane nabakhulu , nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.

IzEnzo 10:41

kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvu ka kwakhe kwabafileyo.

IzEnzo 13:30

Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.

IzEnzo 13:34

Maqondana nokumvusa kwakhe kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni wakhuluma kanje , wathi: Ngizakuninika okungcwel e nokuthembekileyo kukaDavide.

IzEnzo 17:18

Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi : Leli p hoshophosho lithini na ? Abanye bathi : Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo , ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.

IzEnzo 17:3

ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke , avuke kwabafileyo, ethi futhi: UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.

IzEnzo 17:31

njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.

IzEnzo 17:32

Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo , abanye bahleka usulu , kepha abanye bathi: Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.

IzEnzo 23:6

Kepha kwathi uPawulu azi ukuth i enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini , wathi: Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina , ngiyindodana yabaFarisi ; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.

IzEnzo 23:8

Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili.

IzEnzo 24:15

nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.

IzEnzo 24:21

ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.

IzEnzo 26:23

ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.

IzEnzo 3:15

nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo , esingofakazi bakho thina.

IzEnzo 4:10

makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa -Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni , amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.

IzEnzo 4:2

benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo,

IzEnzo 9:35

Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini. UPetru uvusa uThabitha kwabafileyo

KumaHeberu 13:20

Kepha uNku lunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,

KumaHeberu 6:2

nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla , nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.

Kwabase-Efesu 1:20

asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo , wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini,

Kwabase-Efesu 5:14

Ngalokho uthi : Phaphama wena oleleyo , uvuke kwabafileyo , uKristu uzakukukhanyisa.

KwabaseFilipi 3:11

uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,

KwabaseGalathiya 1:1

UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu , kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo,

KwabaseKolose 1:18

yona iyinhloko yomzimba , ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

KwabaseKolose 2:12

nimbelwe kanye naye ngombhapathizo , okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

KwabaseRoma 10:7

nokuba: Ngubani ozakwehlela kwalasha na ? okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo.

KwabaseRoma 10:9

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi , ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo , uyakusindiswa;

KwabaseRoma 11:15

Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe , ukwamukelwa kwabo kungaba yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?

KwabaseRoma 1:4

eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu

KwabaseRoma 4:24

kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona , thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo,

KwabaseRoma 6:13

futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,

KwabaseRoma 6:4

Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise , kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.

KwabaseRoma 6:9

sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi , ukufa akusabusi phezu kwakhe.

KwabaseRoma 7:4

Kanjalo nani bazalwane bami , nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye , lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.

KwabaseRoma 8:11

Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini , yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.

KwabaseRoma 8:34

ngubani olahlayo na ? UKristu Jesu owafayo , yebo impela , owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo.

NgokukaJohane 12:1

Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika , uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.

NgokukaJohane 12:17

Ngakho safakaza isixuku esasinaye , lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni , emvusa kwabafileyo.

NgokukaJohane 12:9

Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho . Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela , kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

NgokukaJohane 20:9

ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanel e ukuvuka kwabafileyo.

NgokukaJohane 21:14

Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi , esevukile kwabafileyo. Ukuvivinywa kukaPetru

NgokukaJohane 2:22

Kuthe esevukile kwabafileyo , abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

NgokukaLuka 16:30

Sathi-ke: Qha, baba Abrahama, kodwa uma kusuka umuntu kwabafileyo , aye kubo, bayakuphenduka.

NgokukaLuka 16:31

Kepha wathi kuso : U ma bengalaleli uMose nabaprofe thi, kabayikuvunyiswa, noma kuvuka umuntu kwabafileyo.

NgokukaLuka 20:26

Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu ; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 23:23; Mark. 12:13)

NgokukaLuka 20:27

Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;

NgokukaLuka 20:35

Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa;

NgokukaLuka 24:46

Wathi kubo : Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu , avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,

NgokukaLuka 24:5

Besesaba bekhoth amela phansi ngobuso , athi kubo : Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?

NgokukaLuka 9:7

Kwathi uHerode umtetrarki ekuzwa konke okwenzekayo , wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo,

NgokukaMarku 12:17

UJesu wathi kubo : Nikani uKesari okukaKesari , noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Bamangala ngaye. Ukuvuka kwabafileyo (Math. 22:23; Luk. 20:27)

NgokukaMarku 12:18

Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo , bambuza bathi:

NgokukaMarku 12:25

Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa , abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.

NgokukaMarku 6:14

Yayisikuzwa inkosi uHerode , ngokuba lalidumile igama lakhe . Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo ; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.

NgokukaMarku 9:10

Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.

NgokukaMarku 9:9

Besehla entabeni , wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo , iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.

NgokukaMathewu 14:2

waze wathi ezincekwini zakhe : Lo nguJohane uMbhapathizi ; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.

NgokukaMathewu 17:9

Besehla entabeni , uJesu wabayala wathi : Ningatsheli muntu lowo mbono , ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.

NgokukaMathewu 22:22

Sebezwile lokho bamangala, bamshiya, bamuka. Ukuvuka kwabafileyo (Mark. 12:18; Luk. 20:27)

NgokukaMathewu 22:23

Ngalolo suku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza

NgokukaMathewu 22:28

Pho, ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumkabani kwabayisikhombisa , lokhu bonke babe naye, na?

NgokukaMathewu 22:30

Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa , abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.

NgokukaMathewu 22:31

Kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, ethi:

NgokukaMathewu 27:64

Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: Uvukile kwabafileyo; kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.

NgokukaMathewu 28:7

Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo ; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile , nizakumbona k hona. Bhekani, nginitshelile.

U-Isaya 8:19

Lapho bethi kini : Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze pho , abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini ? Kuyiwe kwabafileyo ngabaphilayo na?

UNumeri 16:48

Wema phakathi kwabafileyo nabaphilayo; isifo sanqamuka.

URuthe 1:8

UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili : Hambani nibuyele , kube yilowo nalowo endlini kanina ; uJehova makanenzele umusa , njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.

UmShumayeli 9:3

Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye ; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona , andukuba baye kwabafileyo.