Skip to Content

"kwabakhileyo"

26 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 6:21

Bathuma izithunywa kwabakhileyo eKiriyati Jeharimi , bathi: AmaFilisti awubuyisele umphongolo kaJehova; yehlani, niwukhuphulele kini.

2 AmaKhosi 22:16

Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda,

2 iziKronike 34:24

Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo , zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda,

2 iziKronike 34:28

Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula , angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo. Babuyisela enkosini leli zwi.

AbAhluleli 20:15

Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili n esithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo.

AbAhluleli 21:12

Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo ; baziyisa ekamu eShilo elisezweni laseKhanani.

IsAmbulo 13:14

Futhi sibadukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esazinikwayo ukuba sizenze phambi kwesilo , sithi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso isilo, ebesinenxeba lenkemba kepha sasinda.

IsAmbulo 8:13

Ngase ngibona , ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu , lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!

U-Isaya 22:21

ngiyakumembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikeze ukubusa kwakho esandleni sakhe , abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.

U-Isaya 24:5

Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo , ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.

U-Isaya 8:14

Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.

UDaniyeli 4:35

bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize ; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwin i naphakathi kwabakhileyo emhlabeni ; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: Wenzani na?

UJeremiya 11:9

Wayesethi uJehova kimi : Kufunyenwe uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema.

UJeremiya 26:15

Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala , niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu , naphezu kwalo muzi , naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.

UJeremiya 36:31

Ngiyakumjezisa yena nenzalo yak he nezinceku zakhe ngokona kwabo , ngehlisele phezu kwabo , naphezu kwabakhileyo eJerusalema , naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo , bengalalelanga kodwa.

UJeremiya 42:18

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema , kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu , nxa nin gena eGibithe , nibe yisithuko , nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.

UJeremiya 48:43

Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwabakhileyo kwaMowabi , usho uJehova.

UJeremiya 50:35

Makufike inkemba phezu kwamaKaledi , usho uJehova , naphezu kwabakhileyo eBabele, naphezu kwezikhulu zalo , naphezu kwezihlakaniphi zalo.

UJeremiya 51:12

Misani ibhanela ngasezingangeni zaseBabele , niqinise umlindo , nimise abalindi, nihlele abaqamekeli, ngokuba uJehova u kuhlosile, futhi wakwenza lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.

UJeremiya 51:35

Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yam i mabube phezu kweBabele, makasho njalo owakhileyo eSiyoni . Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya; malisho njalo iJerusalema.

UJeremiya 6:12

Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye , amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sam i kwabakhileyo ezweni , usho uJehova.

UJoshuwa 15:15

Wasuka lapho , wenyukela kwabakhileyo eDebiri ; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.

UJoshuwa 17:7

Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e -Eni Taphuwa.

UNehemiya 7:3

Ngathi kubo : Amasango aseJerusalema mawangavulwa lize lishise ilanga ; besemi, mabavale izivalo , baziqinise; bekani abalindi kwabakhileyo eJerusalema, kube yilowo nalowo emlindweni wakhe, yilowo abe malungana nendlu yakhe.

UZakariya 12:10

Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa , bambheke abamgwazileyo , bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa , babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.

UZefaniya 2:5

Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle , isizwe sama Khereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho , Khanani, lizwe lamaFilisiti . Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.