Skip to Content

"kwahlwa"

10 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 1:12

Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule , noJonathani indodana yakhe , nabantu bakaJehova, nendlu ka -Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.

AbAhluleli 20:23

Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa ; babuza kuJehova , bathi: Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na ? UJehova wathi : Yenyukelani kuye.

AbAhluleli 20:26

Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa -Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova , bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa ; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.

AbAhluleli 21:2

Abantu base befika eBethele , bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu.

IzEnzo 28:23

Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi , wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu , wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi , kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

U-Eksodusi 18:13

Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwah lulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

UJoshuwa 10:26

Ngasemuva uJoshuwa wawagenca , wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

UJoshuwa 7:6

UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe , wawa n gobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa , yena namalunga akwa - Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.

UJoshuwa 8:29

Inkosi yase -Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa ; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini , basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi , wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla. I-altare entabeni yase-Ebali

URuthe 2:17

Wakhothoza-ke ensimini kwaze kwahlwa ; wakubhula lokho abekukhothozile, kwakungathi i-efa lebhali.