Skip to Content

"kwakhuphuka"

8 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 25:13

UDavide wathi kubantu bakhe : Bhincani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe. Zabhinca-ke, kwaba yilowo nalowo inkemba yak he; naye uDavide wabhinca inkemba yakhe ; kwakhuphuka emva kukaDavide abantu kungathi abangamakhulu amane, kepha abangamakhulu amabili bahlala empahleni.

2 AmaKhosi 1:6

Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.

AbAhluleli 4:10

UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi ; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe ; naye uDebora wakhuphuka naye.

U-Ezra 7:7

Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa -Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini, baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.

UGenesise 41:2

Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle , zikhuluphele, zadla emhlangeni.

UGenesise 50:9

Kwakhuphuka nabo nezinqola , nabamahhashi; kwaba yibandla elikhulu impela.

UHezekeli 41:7

Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke , ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka nja lo nxazonke zendlu ; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.

UJoshuwa 10:33

Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi ; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe , akaze amshiyela noyedwa owasalayo.