"kwakuyizingalo"
20 occurrences in ZUL
Indlu inkosi uSolomoni eya yakhela uJehova , ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo babungezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu.
Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude , nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi , nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.
Elinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu , nelinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu ; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye kwakuyizingalo eziyishumi.
Ukuphakama kwelinye ikherubi kwakuyizingalo eziyishumi , nelinye ikherubi lalinjalo.
Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezi ne zezinsika zemisedari, imishayo yemisedari iphezu kwezinsika.
Wenza nolwandle olubunjiweyo ; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolu nye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu ; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
Wenza izinqe eziyishumi zethusi ; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine , nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu.
Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi ; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezi ntathu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke , konke kwakun gokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.
Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.
Wenza i -altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabil i, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili , nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.
Wenza nolwandle olubunjiweyo ; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye , lwaluyisiyingilizi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo ez iyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu ; walimisa phakathi negceke , wema kulo , wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwa -Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
Walenza i-altare lempepho ngomuthi womtholo; ubude balo babuyingalo , nobubanzi balo babuyingalo ; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezimbili; izimpondo zalo zazikunye nalo.
Walenza i -altare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo ; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu ; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu.
Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicole kileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuy izingalo ezingamashumi amabili , nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke.
Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
Ngokuba ubude bamakamelo ayesegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisi hlanu, kepha bheka , ngaphambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu.
kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili , ububanzi buyingalo ; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine , ububanzi buyingalo.
Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza ; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
Kwakukhona isihloko sethusi ; ukuphakama kwesihloko esiso dwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati phezu kwesihloko nxazonke , konke kwakungokwethusi ; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati.