Skip to Content

"kwale"

13 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 22:16

Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda,

2 AmaKhosi 22:20

Ngalokho bheka , ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo. Babuyisela enkosini leli zwi.

2 iziKronike 20:9

Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, nokwahlulelwa, nesifo, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu, sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, uyakuzwa, usisindise.

2 iziKronike 34:24

Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo , zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda,

2 iziKronike 34:28

Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula , angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo. Babuyisela enkosini leli zwi.

2 kwabaseKorinte 9:13

lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivange li likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke,

KumaHeberu 1:2

ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.

U-Isaya 44:16

Ushisa inxenye yawo emlilweni ; phezu kwale nxenye uyadla inyama , ose izoso, asuthe; yebo, uyotha athi: Halala! Sengifudumele, ngibonile umlilo.

UGenesise 28:17

Washaywa luvalo , wathi: Yeka ukwesabeka kwale ndawo ! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.

UGenesise 41:35

Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.

UGenesise 41:48

Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo.

UHabakuki 3:2

Jehova, ngizwile umbiko ngawe , ngiyesaba izenzo zakho ; zivuselele phakathi kwale minyaka , wenze ukuba zaziwe kule minyaka , ukhumbule umusa nasolakeni.

UJeremiya 19:3

uthi: Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo , nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.