Skip to Content

"kwamakhosi"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:13

Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga , imfuyo nodumo , ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.

1 iziKronike 20:1

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi , uJowabe wahola amaqhawe empi , wachitha izwe labantwana bakwa -Amoni, weza wavimbezela iRaba ; kepha uDavide wahlala eJerusalema . UJowabe walinqoba iRaba, walidiliza.

2 iziKronike 24:16

Bammbela emzini kaDavide phakathi kwamakhosi , ngokuba wayenze okuhle kwa-Israyeli, nakuNkulunkulu, nasendlini yakhe.

2 uSamuweli 11:1

Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no -Israyeli wonke , babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba ; kepha uDavide wahlala eJerusalema.

AbAhluleli 16:30

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

AmaHubo 119:46

Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.

IsAmbulo 17:18

Owesifazane owambonayo ungumuzi omkhulu onombuso phezu kwamakhosi omhlaba.

IzAga 22:29

Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.

NgokukaLuka 21:12

Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni nasematilongweni , baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.

NgokukaLuka 7:8

Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; nakwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.

NgokukaMathewu 8:9

Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; ngithi kwelinye : Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.

UHezekeli 28:17

Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho, wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho ; ngikulahlele phansi , ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.