Skip to Content

"kwasekuqaleni"

27 occurrences in ZUL

1 kaJohane 1:1

Lokho okwakukhona kwasekuqaleni , esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu , sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila --

1 kaJohane 2:13

Ngilobela nina boyise , ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.

1 kaJohane 2:14

Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise . Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi. Isixwayiso sokungathandi izwe

1 kaJohane 2:24

Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni , makuhlale kinina . Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.

1 kaJohane 2:7

Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha , kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo.

1 kaJohane 3:11

Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,

1 kaJohane 3:8

owenza isono ungokaSathane , ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni . INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu , ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.

2 kaJohane 1:5

Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.

2 kaJohane 1:6

Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe ; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni. Ukuxwayisa ngabakhohlisi nangomphikukristu

2 kwabaseThesalonika 2:13

Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu n jalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi , ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso

IzAga 8:23

Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho.

IzEnzo 26:4

Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi,

IzEnzo 26:5

bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi.

NgokukaJohane 15:27

Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

NgokukaJohane 16:4

kepha lokho ngikukhulume kini , ukuze kuthi , nxa kufika leso sikhathi , nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani. Umsebenzi kaMoya oNgcwele

NgokukaJohane 6:64

Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa . Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.

NgokukaJohane 8:25

Base bethi kuye: Wena ungubani na? Wathi kubo uJesu: Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni.

NgokukaJohane 8:44

Nina ningabakayihlo uSathane , nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo . Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni , akemi eqinisweni , ngokuba iqiniso lingekho kuye . Nxa ekhuluma amanga , ukhuluma okungokwakhe , lokhu engumqambimanga noyise wawo.

NgokukaLuka 1:2

njengalokho basinika zona l abo ababekhona kwasekuqaleni , bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi,

NgokukaMarku 13:19

Ngokuba lezo z insuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje , nolungasayikuba khona.

NgokukaMathewu 19:8

Wathi kubo : Ngenxa yobulukhuni benhliziyo ye nu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.

NgokukaMathewu 24:21

Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.

U-Isaya 40:21

Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni , aniqondanga kwasekusekelweni komhlaba, na?

U-Isaya 41:26

Ngubani owakushoyo kwasekuqaleni ukuba sazi , nangaphambili ukuba sisho sithi : U qinisile, na? Cha, akakho okumemezileyo , akakho nokuzwisileyo, akakho nozwayo amazwi enu.

U-Isaya 41:4

Ngubani okusebenzileyo , wakwenza, na? Nguye owazibiza izizukulwane kwasekuqaleni: mina Jehova engingowokuqala nenginguye nakwabokuphela.

U-Isaya 48:16

Sondelani kimi , nizwe lokhu ; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke , ngangikhona. Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

UmShumayeli 3:11

Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho , ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo ; nokho umuntu ange fumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.