Skip to Content

"kwengcebo"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 20:15

Wayesethi: Baboneni endlini yakho na ? UHezekiya wathi : Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.

IzEnzo 8:27

Wayesesuka wahamba . Bheka, nansi indoda yase -Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;

KwabaseRoma 11:33

Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!

NgokukaMarku 4:19

kepha iminako yal esi sikhathi , nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo.

NgokukaMathewu 13:22

Futhi-ke ohlwanye lwe emeveni nguye olizwa izwi , kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.

U-Isaya 39:4

Wayesethi: Baboneni endlini yakho na ? UHezekiya wathi : Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.

UDaniyeli 11:43

Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva , naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo.

UJeremiya 50:37

Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo , naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.

UNehemiya 13:13

Ngabeka abaphathizikhwama phezu kwengcebo : nguShelemiya umpristi , noSadoki umbhali , noPhedaya wamaLevi ; eceleni kwabo kwakunguHanani kaZakuri kaMathaniya , ngokuba kwat hiwa bathembekile; babeyakwabela abafowabo.