Skip to Content

"kwenkemba"

12 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:5

Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa.

1 uSamuweli 31:5

Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.

AbAhluleli 3:22

kwangena nesibambo emva kwenkemba , amanoni azungeza inkemba , ngokuba akayikhiphanga inkemba esiswini sakhe; yaphumela emuva.

AbAhluleli 7:14

Umngane wakhe waphendula wathi : Lokhu akulutho ngaphandle kwenkemba kaGideyoni indodana kaJowashi , umuntu wakwa -Israyeli; uNkulunkulu unikele esandleni sakhe uMidiyani nempi yonke.

IzAga 12:18

Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba , kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.

U-Esteri 9:5

AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba , nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.

UHezekeli 21:19

Wena ndodana yomuntu , zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele , zombili ziphume ezweni linye , wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi.

UHezekeli 21:20

Misa indlela yokufika kwenkemba eRaba labantwana bakwa -Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.

UJeremiya 25:16

Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.

UJeremiya 25:38

Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama , ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelay o nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.

UJobe 39:22

Liyahleka ingebhe, alesabi, alibuyi phambi kwenkemba.

ULevitikusi 26:37

Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.