Skip to Content

"kwenye"

21 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 15:41

Iyodwa inkazimulo yelanga , iyodwa inkazimulo yenyanga , iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.

2 uSamuweli 17:9

Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo ; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje , okuzwayo athi : Abantu abalandela u -Abisalomu banqotshiwe;

AbAhluleli 16:29

USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu , wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.

AbAhluleli 19:13

Yayisithi encekwini : Woza, sisondele kwenye yalezi zind awo; siyakulala eGibeya noma eRama.

IzAga 28:18

Ohamba ekupheleleni uyakusinda , kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.

IzEnzo 12:17

Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule , wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni , wathi: Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu . Wayesephuma, waya kwenye indawo.

NgokukaJohane 20:7

neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni , kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo.

NgokukaLuka 14:31

Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na?

NgokukaLuka 16:13

Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili , ngokuba kokunye iyakuzonda enye , ithande enye , noma ibambelele kwenye , iyeyise enye . Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.

NgokukaLuka 17:24

Ngokuba njengonyazi , nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu , lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu , yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.

NgokukaMathewu 21:30

Wayeseya kwenye, washo kanjalo. Yona yaphendula yathi: Ngiyaya, nkosi; kepha kayiyanga.

NgokukaMathewu 6:24

Akakho ongakhonza amakhosi amabili . Ngokuba uyakuzonda enye , athande enye , noma abambelele kwenye , adelele enye . Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.

U-Esteri 4:14

Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo , wena nendlu kayihlo nibhubhe . Ngubani okwaziyo , uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?

U-Isaya 66:23

Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami , usho uJehova.

UHezekeli 12:3

Wena ndodana yomuntu , zenzele impahla yokuhamba , usuke emini emehlweni abo , umuke endaweni yakho emehlweni abo , uye kwenye ; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.

UHezekeli 37:17

uzisondeze enye kwenye, zibe yinduku inye, zibe nye esandleni sakho.

ULevitikusi 13:2

Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo , kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko , makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,

UNumeri 23:13

UBalaki wayesethi kuye : Ake uze nami , siye kwenye indawo , lapho ungababona khona ; uyakubona inxenye yabo kuphela , ungaboni bonke ; ungiqalekisele bona uselapho.

UNumeri 23:27

Wathi uBalaki kuBileyamu : Ake uze , ngikuyise kwenye indawo ; mhlawumbe kungaba kuhl e emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho.

URuthe 2:22

UNawomi wayesethi kuRuthe umalokazana wakhe: Kuhle, ndodakazi yami, ukuba uphume namantombazana akhe, ungafikelwa kwenye insimu.

URuthe 2:8

UBowazi wayesethi kuRuthe : Angithi uyezwa, ndodakazi yami ? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu , futhi ungasuki lapha , kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha.