Skip to Content

"kwenze"

9 occurrences in ZUL

IzEnzo 10:4

Wayigqolozela enokwes aba, wathi: Kwenze njani , Nkosi? Yathi kuye : Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 13:27

Emva kocezu uSathane waye sengena kuye . Wayesethi kuye uJesu : Okwenzayo kwenze masinyane.

NgokukaLuka 15:26

Yabiza omunye wabafana, yabuza ukuthi kwenze njani lokho.

NgokukaLuka 4:23

Wathi kubo : Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi : Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.

UGenesise 31:16

Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.

UJeremiya 10:22

Bheka, kusondela izwi lombiko , nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.

UJeremiya 48:19

Yima endleleni , uqaphele wena ohlezi e -Aroweri, ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi: Kwenze njani na?

UJoshuwa 9:25

Bheka, manje sesisesandleni sakho ; okuhle nokulungile emehlweni akho ukuba ukwenze kithi, kwenze.

UmShumayeli 9:10

Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.