Skip to Content

"kwesandla"

28 occurrences in ZUL

1 iziKronike 26:28

kanye nakho konke uSamuweli umboni , noSawule indodana kaKishi , no- Abineri indodana kaNeri , noJowabe indodana kaS eruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile , kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.

1 iziKronike 29:8

Ababe namatshe bawanikela engcebeni yendlu kaJehova phansi kwesandla sikaJehiyeli umGereshoni.

1 kaPetru 5:6

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,

1 uSamuweli 21:3

Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na ? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.

1 uSamuweli 21:4

Umpristi wamphendula uDavide , wathi: Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami , kepha kukhona isinkwa esingcwele , uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.

1 uSamuweli 21:8

UDavide wathi ku -Ahimeleki: Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.

2 AmaKhosi 13:5

UJehova wanika u -Israyeli umsindisi , baphuma phansi kwesandla sama - Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.

2 AmaKhosi 8:20

Emihleni yakhe u -Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda , wazibekela inkosi.

2 AmaKhosi 8:22

Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla . Khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi.

2 iziKronike 21:10

Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla ; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe , ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 iziKronike 26:11

U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo nj engomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli , umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi.

2 iziKronike 31:13

OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no- Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu.

2 uSamuweli 18:2

UDavide wamukisa abantu , inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika -Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika- Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.

AbAhluleli 3:30

UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa - Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili. UShamgari

AmaHubo 106:42

Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.

U-Eksodusi 18:10

Wathi uJetiro : Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe.

U-Eksodusi 21:20

Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku , size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.

U-Esteri 2:14

Yangena khona kusihlwa ; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi , induna yenkosi , umgcini wezancinza , ingaphindi ingene enkosini , uma inkosi ingathokozanga ngayo , ibizwe ngegama.

U-Esteri 2:3

inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi , umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.

U-Esteri 2:8

Kwathi lapho izwi lenkosi nesimemezelo sayo sekuzwakele , nalapho izintombi eziningi zibuthene eShushani endlini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, u-Esteri wangeniswa endl ini yenkosi phansi kwesandla sikaHegayi, umgcini wabesifazane.

U-Isaya 19:16

Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.

U-Isaya 3:6

Lapho umuntu eyakubamba umfowabo endlini kayise ethi: Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,

UGenesise 16:9

Ingelosi kaJehova yathi kuye : Buyela kuyo inkosikazi yakho , uzithobise phansi kwesandla sayo.

UGenesise 41:35

Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.

UNumeri 33:1

Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa -Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika - Aroni.

UNumeri 4:28

Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni e tendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

UNumeri 4:33

Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika -Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

UNumeri 7:8

nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika -Itamari indodana ka - Aroni umpristi.