Skip to Content

"kwezintaba"

9 occurrences in ZUL

AbAhluleli 19:1

Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa - Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

AbAhluleli 19:18

Wathi kulo : Siyadlula sivela eBetlehema Juda , siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova , kepha akukho muntu ongamukela en dlini yakhe.

AmaHubo 104:10

Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba.

AmaHubo 104:6

Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.

UHagayi 1:11

Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe , naphezu kwezintaba , naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha , naphezu kwamafutha , naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.

UJeremiya 46:18

Kuphila kwami , isho iNkos i egama layo linguJehova Sebawoti , impela njengeThabori phakathi kwezintaba , nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.

UJobe 15:7

Ungumuntu wokuqala owazalwayo na? Wavela ngaphambi kwezintaba na?

UMika 6:1

Ake nizwe akushoyo uJehova , ethi: Suka ulwe phambi kwezintaba , uzwise amagquma izwi lakho.

UZakariya 6:1

Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi.