Skip to Content

"kwezizwe"

62 occurrences in ZUL

1 iziKronike 27:16

Phezu kwezizwe zakwa -Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi ; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;

AbAhluleli 18:1

Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa -Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala , ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

AmaHubo 108:3

Ngizakukubonga phakathi kwabantu , Jehova, ngikudumise phakathi kwezizwe.

AmaHubo 113:4

UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke , inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.

AmaHubo 57:9

Ngizakukubonga, Nkosi, phakathi kwabantu , ngikudumise phakathi kwezizwe.

AmaHubo 99:2

UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke.

IsAmbulo 2:26

Onqobayo nogcina imisebenzi yami kuze kube sekupheleni lowo ngiyakumnika amandla phezu kwezizwe;

IsiLilo 2:9

Amasango alo ashona emhlabathini ; wachitha, wayaphula imigoqo yalo . Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe , lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.

IsiLilo 4:20

Umoya wamakhala ethu , ogcotshiweyo kaJehova , wabanjwa emigodini yabo, esathi ngaye: Phansi kwethunzi lakhe siyakuphila phakathi kwezizwe.

U-Isaya 12:4

Niyakusho ngalolo suku ukuthi : Bongani uJehova , nibize igama lakhe , nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe , nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.

U-Isaya 14:26

Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke ; yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.

U-Isaya 17:12

Wo kukho ukuhlokoma kwezizwe ezining i ezihlokoma njengokuhlokoma kwezilwandle, nomsindo wokuxo kozela kwabezizw e abaxokozela njengokuxokozela kwamanzi amaningi.

U-Isaya 2:4

Uyakwahlulela phakathi kwezizwe , anqume phakathi kwabantu abaningi ; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba , nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba , zingabe zisafunda ukulwa.

U-Isaya 61:11

Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo , nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo , kanjalo iNkosi uJehova iyakuvez a ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.

U-Isaya 61:9

Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe , nabantwana babo phakathi kwabantu; bonke abababonayo bayakubavum a ukuthi bayinzalo uJ ehova ayibusisile.

UDuteronomi 14:2

Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; uJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

UDuteronomi 28:37

Uyakuba yisimangaliso, nesaga, nesifenqo phakathi kwezizwe zonke lapho uJehova eyakukuyisa khona.

UDuteronomi 29:16

ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sad lula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,

UDuteronomi 2:25

Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu , eziyakuzwa indaba yakho , zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.

UDuteronomi 30:1

Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele , isibusiso nesiqalekiso , engizibekile phambi kwakho , uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,

UDuteronomi 7:14

Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke , kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

UDuteronomi 7:6

Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho : uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.

UHezekeli 11:16

Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.

UHezekeli 12:16

Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni , nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 20:23

Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahl akazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni,

UHezekeli 25:10

ngiwunike abasempumalanga kanye nabantwana bakwa -Amoni, ube yifa labo, ukuze abantwana bakwa -Amoni bangabe besakhunjulwa phakathi kwezizwe,

UHezekeli 29:15

Liyakuba phansi emibusweni , alisayikuziphakamisa phezu kwezizwe ; futhi ngizakubanciphisa ukuba bangabusi izizwe.

UHezekeli 31:17

Nayo yehlela kanye nawo endaweni yabafileyo kwabagwaziweyo ngenkemba, ababe yingalo yawo , ababehlela emthunzini wawo phakathi kwezizwe.

UHezekeli 32:2

Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe , uthi kuye: Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe , kepha unjengodrako elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho , unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.

UHezekeli 36:19

Ngabahlakazela phakathi kwezizwe , basabalaliselwa emazweni ; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.

UHezekeli 36:21

Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa - Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.

UHezekeli 36:22

Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi , uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe , lapho naya khona.

UHezekeli 36:23

Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo , izizwe zazi ukuthi nginguJehova , isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.

UHezekeli 36:30

Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi , ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.

UHezekeli 39:21

Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe , zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo.

UHezekeli 39:28

Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNk ulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe , nangokuba ngababutha ezweni lakubo ; angisayikushiya muntu wabo khona;

UHezekeli 47:22

Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho , libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu . Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwab antwana bakwa -Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

UHezekeli 4:13

Wathi uJehova : Kanjalo nabantwana bakwa -Israyeli bayakusidla isinkwa sabo singcolile phakathi kwezizwe engiyakubaxoshela kuzo.

UHezekeli 5:14

Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo.

UHezekeli 5:5

Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa.

UHezekeli 6:8

Kepha ngiyakushiya insali , nibe nabayakuphepha enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazeka emazweni.

UHezekeli 6:9

Abaphephayo benu bay akungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo , lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo , ezichezukile kimi , namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.

UJeremiya 1:10

Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.

UJeremiya 33:9

Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela kh ona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.

UJeremiya 44:8

ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe , lapho niyile khona ukugogobala , ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba , na?

UJeremiya 49:14

Ngizwile imibiko evela kuJehova ; kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi: Buthanani, nilihlasele, nisukele ukulwa.

UJeremiya 49:15

Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.

UJeremiya 50:2

Memezani phakathi kwezizwe , nikuzwakalise, nimise ibhanela , nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: IBabele linqotshiwe , uBeli ujabhile , uMerodaki uphelile amandla ; izithombe zalo zijabhile , imifanekiso yalo iphelile amandla.

UJeremiya 50:23

Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke , yeka ukwenziwa kweBabele incithakalo phakathi kwezizwe!

UJeremiya 50:46

Ngomsindo wokuthathwa kweBabel e umhlaba uyazamazama , ukukhala kuzwakale phakathi kwezizwe.

UJeremiya 51:27

Misani i bhanela ezweni , nibethe amacilongo phakathi kwezizwe , ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo , nilibizele imibuso yase -Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi , nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.

UJeremiya 51:41

Yeka ukunqotshwa kweSheshaki nokubanjwa kwelaliludumo lwawo wonke umhlaba! Yeka ukwenziwa kweBabele isimangaliso phakathi kwezizwe!

UJoweli 3:2

ngiyakubutha zonke izizwe , ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati , ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bam i nesabelo sami u -Israyeli, ezibahlakazile phakathi kwezizwe, zabela izwe lami.

ULevitikusi 26:38

Niyakubhubha phakathi kwezizwe, izwe lezitha zenu linidle.

UMalaki 1:11

Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe ; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo , ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe, usho uJehova Sebawoti.

UMalaki 1:14

Makaqalekiswe okhohlisayo , okukhona emhlambini wakhe i duna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo ; ngokuba ngiyinkosi enkulu , usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.

UMika 4:3

Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi , anqume phakathi kwezi zwe ezinamandla ezikude ; ziyakukhanda iz inkemba zazo zibe ngamakhuba , imikhonto yazo ibe ngocelemba ; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba , zingabe zisafuna ukulwa.

UMika 5:8

Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe , phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini , njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu , elithi lapho lidabula , linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.

UNehemiya 13:26

Akonanga ngalokho uSol omoni inkosi yakwa -Israyeli na ? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye ; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe ; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka -Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.

UNehemiya 1:8

Ake ulikhumbule izwi owayala ngalo inceku yakho uMose ngokuthi : Uma niphambuka, mina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe;

UNumeri 23:9

Ngokuba ngisesiqongweni samadwal a ngiyambona, ngisemadulini ngiyambuka; bheka, kungabantu abahlala bodwa, abangayikubalwa phakathi kwezizwe.

UZakariya 7:14

Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga . Izwe selichithekile emva kwabo , ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo , ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.