Skip to Content

"lakubo"

56 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:36

Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu lonke isimemo sokuthi : Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.

1 AmaKhosi 8:48

uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zab o ezabathumba , bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise , umuzi owukhethileyo , nendlu engiyakhele igama lakho,

1 uSamuweli 10:25

USamuweli wayesebatshela abantu amalungelo ombuso , wawaloba encwadini, wayibeka phambi kukaJehova . USamuweli wamukisa bonke abantu, yilowo nalowo waya ekhaya lakubo.

2 AmaKhosi 17:23

uJehova waze wamsusa u -Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi . Wayesethunjwa u- Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla. AmaSamariya nokukhonza kwawo izithombe

2 AmaKhosi 18:33

Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

2 AmaKhosi 18:35

Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu bamazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?

2 AmaKhosi 19:7

Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo , izwe amahemuhemu , ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.

2 AmaKhosi 24:7

Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo , ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe , kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe. OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda

2 AmaKhosi 25:21

Inkosi yaseBabele yabashaya , yababulala eRibila ezweni laseHamati . Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.

2 AmaKhosi 3:27

Yayisithatha izibulo layo ebeliyakubusa esikhundleni sayo , yanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange . Abakwa-Israyeli behlelwa yintukuthelo enkulu, basuka kuyo, babuyela ezweni lakubo.

2 iziKronike 6:38

uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bebathumbele khona, bakhuleke bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise , nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,

2 uSamuweli 6:19

Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa -Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa , nesicubu senyama , nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo . Base behamba abantu bonke , baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.

AmaHubo 105:35

Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo , zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.

AmaHubo 105:36

Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.

IzEnzo 12:20

Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni ; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi , bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.

KumaHeberu 11:14

Ngokuba abasho kanjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe lakubo.

NgokukaJohane 4:44

Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo.

NgokukaLuka 4:24

Wathi-ke: Ngiqinisile ngithi kini : Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo.

NgokukaMarku 5:17

Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.

NgokukaMarku 6:1

Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela.

NgokukaMarku 6:4

Wayesethi kubo uJesu : Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.

NgokukaMathewu 13:57

Bakhubeka ngaye . Kepha uJesu wathi kubo : Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.

NgokukaMathewu 2:12

Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode , zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

U-Eksodusi 18:27

UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.

U-Isaya 13:14

Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu , baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.

U-Isaya 14:1

Ngokuba uJehov a uyakumhawukela uJakobe , abuye amkhethe u -Israyeli, ababeke ezweni lakubo ; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo , banamathele endlini kaJakobe.

U-Isaya 2:7

Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide , akukho ukuphela kwengc ebo yabo ; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho.

U-Isaya 2:8

Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe ; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo.

U-Isaya 36:18

Xwayani ukuba uHezekiya anganiyengi ngokuthi : UJehova uyakusophula. Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

U-Isaya 36:20

Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu balawa mazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusal ema esandleni sami na?

U-Isaya 37:7

Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo , izwe amahemuhemu , ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.

U-Isaya 61:7

Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo ; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo ; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.

UDaniyeli 11:19

Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo , kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.

UDaniyeli 11:28

Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla enkulu , inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile iyakubuyela ezweni lakubo.

UDaniyeli 11:9

Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.

UDuteronomi 12:29

Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla , nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo,

UDuteronomi 23:7

Unganengwa ngowakwa -Edomi, ngokuba ungumfowenu ; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.

UDuteronomi 29:28

uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.

UDuteronomi 29:8

sathatha izwe lakubo , salinika laba yifa labakwaRubeni , nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.

UDuteronomi 31:4

UJehova uyakwenza kuz o njengokwenza kwakhe kuSihoni naku -Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.

UDuteronomi 34:11

ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe , nakulo lonke izwe lakubo,

UHezekeli 36:20

Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona , balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo : Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.

UHezekeli 37:21

Khuluma kubo , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa -Israyeli ezizweni lapho baya khona , ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,

UHezekeli 39:26

Bayakuthwala ihlazo l abo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi , lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,

UHezekeli 39:28

Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNk ulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe , nangokuba ngababutha ezweni lakubo ; angisayikushiya muntu wabo khona;

UJeremiya 12:14

Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi , abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u -Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.

UJeremiya 12:15

Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile , ngibuye ngibaha wukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe , kube yilowo nalowo ezweni lakubo.

UJeremiya 16:15

kepha: Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa -Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona ; kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.

UJeremiya 23:8

kepha ukuthi: Kuphila kukaJehova owayikhuphula , wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nas emazweni onke lapho ngangibaxoshele khona. Iyakwakha ezweni lakubo. Abaprofethi bamanga

UJeremiya 37:7

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi , nithi: Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.

UJeremiya 50:16

Nqumani umhlwanyeli eBabel e nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna ; ngenxa yenkemba ecindezelay o yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe , yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.

UJeremiya 51:9

Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ez weni lakubo , ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.

UJeremiya 52:27

Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati . Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.

UNumeri 18:13

Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo a baluletha kuJehova luyakuba ngolwakho ; yilowo nalowo ohlambulukileyo endl ini yakho uyakukudla.

UNumeri 18:20

UJehova wathi ku -Aroni: Awuyikuba nafa ezweni lakubo , futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo ; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 21:35

Base bemnqoba -ke, namadodana akhe , nabo bonke abantu bakhe , waze wangasalelwa muntu; badla izwe lakubo.