Skip to Content

"lamadodana"

5 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 9:26

lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.

2 iziKronike 24:25

Lapho sebemukile kuye ngokuba bamshiya egula kakhulu izinceku zakhe zamenzela ugobe ngenxa yegazi lamadodana kaJehoyada umpristi, zambulala embhedeni wakhe, wafa; bammbela emzini kaDavide, kodwa abammbelanga emathuneni amakhosi.

AmaHubo 106:38

Bachitha igazi elingenacala , igazi lamadodana abo namadodakazi ab o abawahlabela izithombe zaseKhanani; izwe langcoliswa yigazi.

UJeremiya 17:19

Usho kanje kimi uJehova, uthi: Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda , aphuma ngalo futhi , nasemasangweni onke aseJerusalema,

UJeremiya 35:4

ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.