"lasegumbini"
7 occurrences in ZUL
UJehowashi, inkosi yakwa -Israyeli, wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi , ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi , wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa - Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
UJowashi inkosi yakwa -Israyeli wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJo washi kaJehowahazi eBeti Shemeshi , wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa -Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini , nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa.
Bheka, izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho uJehova eyakwakhelw a umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube seSangweni Lasegumbini.
Emva kwakhe kwalungisa uMalikhiya , omunye wabakhandi begolide , kwaze kwaba sendlini yamaNethini neyabathengi malungana neSango Lokubala, kwaze kwaba nasekamelweni eliphezulu laseGumbini.
Phakathi kwekamelo eliphezulu laseGumbini neSango Lezimvu kwalungisa abakhandi begolide nabathengi.
Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala , kuze kube seSangweni Lasegumbini , kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.