Skip to Content

"lasenhla"

11 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 15:35

Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo . Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 18:17

Inkosi yase -Asiriya yathuma oTharithani , noRabi Sarisi , noRabi Shake ukuba basuke eLakishi , baye enkosini uHezekiya eJerusalema , benempi enkulu. Benyuka bafika eJerusalema. Sebenyukile bafika, bema ngasemseleni wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu yoMhlanzi.

2 iziKronike 23:20

Wazithatha izinduna zamakhulu, nabakhulu, nababusi babantu, nabo bonke abantu bezwe, wayehlisa inkosi endlini kaJehova , bafika ngesango lasenhla endlini yenkosi, bayibeka inkosi esihlalweni sobukhosi sombuso.

2 iziKronike 27:3

Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova ; nasogangeni lwase -Ofeli wakha okuningi.

2 iziKronike 8:5

Wakha neBeti Horoni laseNhla , neBeti Horoni laseNzansi , imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo,

U-Isaya 36:2

Inkosi yase-Asiriya yathuma uRabi Shake , asuke eLakishi, aye eJerusalema enkosini uHezekiya , enempi enkulu , wema ngasemseleni wechibi lasenhla , elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.

U-Isaya 7:3

Kepha uJehova wathi ku -Isaya: Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,

UHezekeli 9:2

Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni , inophondo lukayinki womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

UJeremiya 20:2

UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

UJeremiya 36:10

UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

UJoshuwa 16:5

Umkhawulo wabantwana bakwa -Efrayimi ngemindeni yabo wawunje : umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi -Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;