Skip to Content

"lathiwa"

8 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 2:21

Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu , elaliqanjiwe yingelosi , engakathatshathwa esiswini. OSimeyoni no-Ana

U-Eksodusi 15:23

Sebefika eMara babengenakuphuza amanzi aseMara , lokhu ayebaba; ngalokho igama lalo lathiwa iMara.

UGenesise 11:9

Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele, ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke. Inzalo kaShemi

UGenesise 25:30

U-Esawu wathi kuJakobe : Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu , kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe, ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.

UGenesise 33:17

UJakobe wasuka waya eSukoti , wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.

UGenesise 38:30

Ngasemuva waphuma umfowabo owayenentambo ebomvu esandleni sakhe; igama lakhe lathiwa uZera.

UJoshuwa 5:9

UJehova wayesethi kuJoshuwa : Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla. Iphasika laseKhanani

UNumeri 21:3

UJehova walilalela izwi lika -Israyeli, wanikela amaKhanani; bawaqothula kanye nemizi yawo; igama laleyo ndawo lathiwa iHorma. Inyoka yethusi