Skip to Content

"laze"

11 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 11:11

Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu ; bafika phakathi kwekamu ngomlindo wokusa , babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.

1 uSamuweli 18:30

Kwase kuphuma izikhulu zamaFilisti ; kwathi njalo uma zisaphuma , uDavide waziphatha ngokuhlakanipha kakhulu kunazo zonke izinceku zikaSawule, laze laduma kakhulu igama lakhe.

2 iziKronike 26:8

Abakwa-Amoni bathela intela ku -Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.

AbAhluleli 7:13

Lapho efika uGideyoni , bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali lagingqikela ekamu lakwaMidiyani , lafika etendeni , lalishaya laze lawa , laligumbuqela, labhadalala.

AbAhluleli 7:22

Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke ; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera , laze lafika emkhawulweni we -Abela Mehola ngaseThabati.

IsAmbulo 14:20

Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi , kwaphuma igazi esikhamweni , laze lafika ematomini amahhashi , liqeda amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.

U-Eksodusi 10:15

Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe . Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho ; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.

U-Eksodusi 17:12

Kodwa izandla zikaMose zaba nzima ; bathatha itshe , walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo ; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe , omunye engalapha, omunye engalapha ; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.

U-Eksodusi 32:20

Wayeselithatha ithole ababelenzile , walishisa ngomlilo , walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa- Israyeli.

UDuteronomi 9:21

Ngase ngithatha isono senu , ithole enanilenzile , ngalishisa ngomlilo , ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli , ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.

UHezekeli 27:7

Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibith e lalinguseyili wakho , laze laba yibhanela kuwe ; isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende , sivela eziqhingini zase-Elisha.