Skip to Content

"lengonyama"

13 occurrences in ZUL

AbAhluleli 14:5

USamsoni wayesehla noyise nonina , baya eThimna , bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.

AmaHubo 17:12

Unjengengonyama ehahela ukubamba , njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.

AmaHubo 91:13

Uyakunyathela ingonyama nebululu , unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.

U-Amose 3:4

Ingonyama iyabhodla ehlathini , ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na?

U-Isaya 11:6

Impisi iyakuhlala newundlu , ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi , ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba.

U-Isaya 31:4

Ngokuba usho kanje kimi uJehova , uthi: Njengengonyama ebhongayo , ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo , lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo , lingazithobi ngomsindo wabo , kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehl a ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.

UDuteronomi 33:22

NgoDani wathi : UDani uyibhongo lengonyama , elixhumayo, liphuma eBashani.

UGenesise 49:9

UJuda uyibhongo lengonyama . Wenyuke empangweni , ndodana yami . Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi ; ngubani oyakumvusa na?

UHezekeli 32:2

Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe , uthi kuye: Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe , kepha unjengodrako elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho , unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.

UHezekeli 41:19

kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha , nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha ; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke.

UHoseya 5:14

Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku -Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda ; mina yebo , mina ngiyakudwengula , besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.

UMika 5:8

Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe , phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini , njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu , elithi lapho lidabula , linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.

UNahume 2:11

Uphi umphandu wezingonyama , nedlelo lamabhongo ezingonyama , lapho kwahamba ingonyama nengo nyamakazi nebhongo lengonyama , kungekho okwesabisayo na?