Skip to Content

"lensimbi"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:34

Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungaze leli nje , wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi , yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.

1 uSamuweli 17:38

USawule wamembathisa ezakhe izingubo , wamfaka isigqoko sethusi ekhanda, wamgqokisa ibhantshi lensimbi.

1 uSamuweli 17:5

Wayenesigqoko sethusi ekhanda , egqoke ibhantshi lensimbi ; isisindo sebhantshi sasingamashekeli ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi.

2 iziKronike 18:33

Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje , wayihlaba inkosi yakwa -Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi ; yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.

IzEnzo 12:10

Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo , baphuma, badlula isitaladi saba sinye ; ingelosi yayisimshiya masinyane.

U-Eksodusi 28:32

kube yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo , imbobo yalo ibe nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yeb hantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.

U-Eksodusi 39:23

Imbobo yejazi ngaphakathi kwalo yayinjengembobo yebhantshi lensimbi , inomphetho oyizungeza imbobo yalo ukuba lingadatshulwa.

U-Isaya 59:17

Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha , wazembesa ukushisekela njengengubo.

UDuteronomi 28:48

uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba , nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.

UDuteronomi 3:11

Ngokuba u -Ogi kuphela , inkosi yase Bashani, wasala ensalini yamaRefa ; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi ; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye , nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.

UJeremiya 28:14

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele ; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.

UJeremiya 51:3

Ocibishelayo uyakunsala umnsal o kogoba umnsalo khona , nakuye oziphakamisa ngebhantshi lakhe lensimbi; ningasindisi izinsizwa zalo, niqede nya impi yalo yonke.

UJobe 19:24

aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu, kuze kube phakade!