Skip to Content

"lezwe"

18 occurrences in ZUL

U-Amose 2:10

Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe , nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

U-Eksodusi 23:30

Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane , ukuze wande, udle ifa lezwe.

U-Isaya 57:13

Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikop hule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.

U-Isaya 60:21

Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke , badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami , umsebenzi wezandla zami , ukuba ngidunyiswe.

U-Obadiya 1:19

Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa -Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa -Efrayimi nezwe laseSamariya , uBenjamini adle iGileyadi.

UDuteronomi 2:31

UJehova wayesethi kimi : Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.

UGenesise 28:4

akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe , udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.

UHezekeli 20:36

Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe , kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 33:24

Ndodana yomuntu, abakhe ezincithakalweni ezweni lakwa -Israyeli basho bathi: U -Abrahama wayemunye , wadla ifa lezwe ; kepha thina sibaningi, siphiwe lona libe yifa lethu.

UHezekeli 33:25

Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nidla okunegazi , niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?

UHezekeli 33:26

Niyethemba enkembeni yenu , nenza izinengiso , ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho, niyakudla ifa lezwe na?

UHezekeli 47:13

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.

ULevitikusi 20:24

Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.

ULevitikusi 25:6

Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu , okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;

UNumeri 33:53

nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.

UNumeri 34:15

lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

UNumeri 35:33

Aniyikungcolisa izwe enikulo , ngokuba igazi liyalingcolisa izwe ; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.

UNumeri 36:3

Uma egana amadodana ezinye izizwe zabantwana bakwa -Israyeli, ifa lawo liyakususwa efeni lawobaba, lithasiselwe efeni laleso sizwe ayakuba ngawaso, kususwe efeni lezwe lethu.