Skip to Content

"likajesu"

19 occurrences in ZUL

1 kaJohane 1:7

kepha uma sihamba ekukhanyeni , njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye , negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

1 kaPetru 1:2

bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu : Makwandiswe kinina umusa nokuthula. UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo

IzEnzo 16:18

Yakwenza lokho izinsuku eziningi . Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya : Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo. Wayesephuma ngaso leso sikhathi.

IzEnzo 26:9

Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;

IzEnzo 2:38

UPetru wayesethi : Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethele lwa kwezono zenu ; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

IzEnzo 3:6

Kodwa uPetru wathi : Isiliva negolide anginalo ; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.

IzEnzo 4:10

makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa -Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni , amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.

IzEnzo 4:18

Base bebabi za, babayala ngokuthi bangakhulumi , bangafundisi nakanye ngegama likaJesu.

IzEnzo 5:40

Base bebabiza abaphostoli , babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.

IzEnzo 8:12

Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu , babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

IzEnzo 9:27

Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endle leni, nokuthi ikhulumile kuye , nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.

KumaHeberu 10:19

Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu

KwabaseFilipi 2:10

ukuze kuthi ngegama likaJesu amado lo onke aguqe , awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba,

NgokukaJohane 18:11

Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)

NgokukaJohane 18:32

ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.

NgokukaMarku 11:26

Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu. Igunya likaJesu (Math. 21:23; Luk. 20:1)

NgokukaMarku 1:1

Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 21:22

nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa. Igunya likaJesu (Mark. 11:27; Luk. 20:1)

NgokukaMathewu 26:75

UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi : Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu . Waphumela phandle , wakhala kamunyu.