Skip to Content

"loba"

14 occurrences in ZUL

IsAmbulo 14:13

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

IsAmbulo 19:9

Yayisithi kimi : Loba ukuthi : Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yayisithi kimi: Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.

IsAmbulo 1:19

Ngakho-ke loba okubonileyo , nokukhona, nokuzakwenzeka emva kwalokho.

IsAmbulo 21:5

Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi : Bheka, ngenza konke kube kusha . Wathi: Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.

IsAmbulo 2:1

Kuyo ingelosi yebandla lase -Efesu loba ukuthi : Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene , ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:

IsAmbulo 2:12

Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba ukuthi : Nakhu akushoyo onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:

IsAmbulo 2:18

Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi : Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

IsAmbulo 2:8

Nakuyo ingelosi yebandla laseSmirna loba ukuthi : Nakhu akushoyo owokuqala nowokugcina, owayefile kepha osephila, uthi:

IsAmbulo 3:1

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.

IsAmbulo 3:14

Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u- Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo , ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:

IsAmbulo 3:7

Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi : Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavid e, ovula kungavali muntu , novalayo kungavuli muntu, uthi:

NgokukaMathewu 16:2

Kepha waphendula , wathi kubo : Kusihlwa nithi : Loba lisile , lokhu izulu libhejile;

UJeremiya 30:2

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

UNumeri 17:2

Khuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthabathe kubo izintonga , ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise , kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise , izintonga eziyishumi nambili ; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.