Skip to Content

"lokuba"

22 occurrences in ZUL

1 kaJohane 3:1

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.

1 kaJohane 3:11

Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane,

2 kwabaseKorinte 11:12

Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi , ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.

2 uSamuweli 12:14

Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.

IzEnzo 27:20

Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi , nesiphepho esingesincane siqinisa njalo , lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.

IzEnzo 28:18

wona esengihlolile afuna ukungikhulula , ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife;

IzEnzo 9:23

Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale.

Kwabase-Efesu 1:10

kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;

KwabaseRoma 13:11

Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.

KwabaseRoma 8:12

Ngalokho-ke, bazalwane, asinacala kuyo inyama lokuba sihambe ngokwenyama.

NgokukaJohane 12:10

Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,

NgokukaJohane 15:13

Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

NgokukaJohane 18:39

Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika ; ngakho niyathanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?

NgokukaLuka 4:36

Behlelwa ngukwesaba bonke , bakhuluma bodwa , bathi: Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?

NgokukaMathewu 27:1

Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale;

U-Esteri 1:19

Uma kukuhle enkosini , makuphume izwi lobukhosi , lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u -Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.

U-Isaya 58:5

Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yin i nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe ; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha pha nsi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzil a nosuku olwamukelekayo kuJehova na?

UJeremiya 43:4

UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.

UJeremiya 46:10

Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti , usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye . Inkemba iyakudla isuthe , izanelise ngegazi labo , ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inom hlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.

UJobe 33:23

Uma kukhona ingelosi kuy e, nehumusha noma yiliphi enkulungwanen i lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,

UJoshuwa 10:14

Aluzange lube khona usuku olunjengalo ngaphambi kwalo noma ngasemva kwalo lokuba uJehova alilalele izwi lomuntu, ngokuba uJehova wamlwela u- Israyeli.

UmShumayeli 2:26

Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha , nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe , siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.