"lokuqala"
41 occurrences in ZUL
Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekelele eqongelela njengenhlanhla yakhe, ukuze kuthi nxa ngifika , kungabi yikhathi kwenziwa umnikelo.
USawule wamakhela uJehova i -altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.
Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha ; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.
Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini , nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami , lithi: Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.
Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: Niyazi nina ukuth i kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani,
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki , sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa , uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.
ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu , uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.
Ngokuba kwakhiwa itabernakele lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, netafula, nezinkwa zokubukwa, okuthiwa elingcwele;
Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo , abapristi bangena njalo etabernakele lokuqala befeza izinkonzo,
uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele lokuqala,
ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;
Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafik a ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.
Kepha ngosuku lokuqala lweviki , kuntwela ngenzansi , bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.
Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?
Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.
Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki , wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa.
Kepha ngosuku lokuqala lwe sinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?
Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo ; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqa la kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.
Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele , nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele ; kungasetshenzwa ngazo , kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.
aphindwe kabili phansi , nakanjalo aphelele aze afike phezulu esongwen i lokuqala, kube njalo kuwo omabili, abengawamagumbi omabili.
Ufake kuso izisekelo zamatshe, kube yizinhla ezine zamatshe : uhla lwesardiyu, netopazi, nerubi, lube luhla lokuqala;
Ayemabili phansi, kanjalo aphelela aze afika phezulu esongweni lokuqala ; wenze njalo kuwo omabili emagumbini omabili.
Bafaka kuso izinhla ezine zamatshe ; uhla lwesardiyu , netopazi, nerubi lwaba luhla lokuqala;
Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele letende lokuhlangana.
Kepha abathunjwa benze njalo . Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise , bonke ngamagama ; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.
Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.
Wayesethi kimi: Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa ; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.
Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse.
UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini ; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.
Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , umbusi wakwaJuda , nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:
Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.
Ngosuku lokuqala kuyakuba ngumhlangano ongcwele , ningasebenzi msebenzi.
Kepha ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa, lapho senibuthile izithelo zezwe , anogcina umkhosi kaJehova izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lokuqala makube ngukuphumula okuzothileyo , nangosuku lwesishiyagalombili kube ngukuphumula okuzothileyo.
Ngosuku lokuqala anothabatha izithelo ze mithi emihle , namagatsha amasundu, nezingatsha zemithi edumbileyo, neminyezane yemifula, nethabe phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu izinsuku eziyisikhombisa.
Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.
Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kus ukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku l okugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.
U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla , abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.
Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umhlangano ongcwele ; ningasebenzi msebenzi,
Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.