Skip to Content

"lugibe"

12 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 18:21

Wayesethi uSawule : Ngiyakumnika yena ukuba abe lugibe kuye , isandla samaFilisti sibe phezu kwakhe . Ngalokho uSawule wathi kuDavide: Uyakuba ngumkhwenyana wami ngokwesibili namuhla.

AbAhluleli 2:3

Ngalokho ngithi manje : Angiyikubaxosha phambi kwenu , kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.

AbAhluleli 8:27

UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho , wayibeka emzini wakhe e - Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona ; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.

AmaHubo 106:36

Bakhonza izithombe zabo, zaba lugibe kubo.

AmaHubo 69:22

Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo , libe lugibe kwabahlezi bezithulele.

U-Eksodusi 10:7

Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye : Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?

U-Eksodusi 23:33

Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.

U-Eksodusi 34:12

Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo , funa babe lugibe kuwe.

U-Isaya 24:18

Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesab a awele emg odini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe , ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe , nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.

U-Isaya 8:14

Uyakuba ngokungcwele, futhi abe yitshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli, abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.

UDuteronomi 7:16

Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli , ungakhonzi onkulunkulu bazo , ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

UJoshuwa 23:13

yazini nokwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akasayikuzixosha lezo zizwe phambi kwenu, kepha zoba lugibe nesihibe kini , nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu , nize nibhubhe kuleli zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninike lona.