Skip to Content

"lukhuni"

49 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:4

Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka ph ezu kwethu, siyakukukhonza.

1 uSamuweli 6:6

Nenzeleni zibe lukhuni izinhliziyo zenu , njengalokho abaseGibithe noFaro bazenza lukhuni izinhliziyo zabo na ? Lapho esebenzile phakathi kwabo , ababavumelanga yini ukuba bahambe na?

2 AmaKhosi 17:14

Kepha abalalelanga ; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.

2 iziKronike 10:4

Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni ; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.

2 iziKronike 36:13

Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova , wenza lukhuni intamo yakhe , wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

2 kwabaseKorinte 3:14

Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni . Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala , leyo ndwangu isahle zi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;

AmaHubo 95:8

ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengaseMeriba , njengasosukwini lwaseMasa ehlane,

IzAga 21:29

Umuntu omubi uyenza lukhuni ubuso bakhe, kepha oqotho uyanaka indlela yakhe.

IzAga 28:14

Ubusisiwe umuntu owesaba njalo , kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

IzEnzo 19:9

Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli , bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.

KumaHeberu 3:13

kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla , ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono,

KumaHeberu 3:15

Uma kuthiwa: Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe , ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni,

KumaHeberu 3:8

ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunulen i ngosuku lokulingwa ehlane,

KumaHeberu 4:7

uyanquma futhi usuku oluthile oluthiwa Namuhla , esho ngoDavide emva kwesikhathi esingaka njengokushiwo kuqala ukuthi : Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.

KwabaseRoma 11:7

Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,

KwabaseRoma 9:18

Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela , umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.

NgokukaJohane 12:40

Uphuphuthekisile amehlo abo , wayenza lukhuni inhliziyo yabo , funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.

NgokukaMathewu 13:15

ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni , bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.

U-Eksodusi 10:1

UJehova wayesethi kuMose : Ngena kuFaro , ngokuba ngenze lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezi zibonakaliso zami phakathi kwabo,

U-Eksodusi 10:20

Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro , kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Inhlupheko yesishiyagalolunye: ubumnyama

U-Eksodusi 10:27

Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro , kabavumelanga ukuba bahambe.

U-Eksodusi 11:10

OMose no -Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inh liziyo kaFaro , kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

U-Eksodusi 14:17

Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe , babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke , ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.

U-Eksodusi 14:4

Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro , abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke ; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova. Benze njalo-ke.

U-Eksodusi 14:8

UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe ; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa -Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.

U-Eksodusi 4:21

UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe ; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.

U-Eksodusi 7:13

Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Izinhlupheko zaseGibithe Eyokuqala: amanzi aphenduka igazi

U-Eksodusi 7:22

Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo , yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

U-Eksodusi 7:3

Mina ngiy akuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni , ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.

U-Eksodusi 8:15

Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu , wayenza lukhuni inhliziyo yakhe , kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesithathu: omiyane

U-Eksodusi 8:19

Zase zithi izanusi kuFaro : Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu . Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesine: izibawu

U-Eksodusi 8:32

UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi , kabavumelanga abantu ukuba bahambe.

U-Eksodusi 9:12

UJehova wayenz a lukhuni inhliziyo kaFaro , kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose. Inhlupheko yesikhombisa: isichotho

U-Eksodusi 9:34

UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile , wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.

U-Isaya 63:17

Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho , uzenze lukhuni izinhlizi yo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.

UDaniyeli 5:20

Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla , wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi , balususa udumo lwakhe kuye;

UDuteronomi 15:18

Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa ; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo. Amazibulo ezinkomo

UDuteronomi 15:7

Uma kukhona kuwe ompofu , omunye wabafowenu , phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho , ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,

UDuteronomi 2:30

Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe , wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe , ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.

UGenesise 21:12

UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho ; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.

UHezekeli 3:8

Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo , nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.

UJeremiya 17:23

nakuba bengalalelanga , bengabekanga izindlebe , kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.

UJeremiya 19:15

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi nemizana yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa amazwi ami.

UJeremiya 5:3

Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa ; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.

UJeremiya 7:26

Nokho abangilal elanga, ababekanga izindlebe zabo , kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.

UJoshuwa 11:20

Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no -Israyeli ngokulwa , ukuze abaqothule , angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.

UNehemiya 9:16

Kepha bona nawoyise baqholosha , benza lukhuni izintamo zabo , kabalalelanga imiyalo yakho,

UNehemiya 9:17

benqaba ukulalela , abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo , kepha benza lukhuni izi ntamo zabo , nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo ; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo , onomusa nesihe ; wephuza u kuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.

UNehemiya 9:29

wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza , uyakuphila ngazo , baphendula ihlombe ngenkani , benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.