Skip to Content

"lwakho"

108 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:19

kepha wena awuyikuyakha indlu , kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.

1 kwabaseKorinte 15:55

Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?

1 uSamuweli 16:1

UJehova wathi kuSamuweli : Uyakumkhalela kuze kube nini na ? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka -Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha , uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.

1 uSamuweli 25:21

UDavide wayeshilo ukuthi : Impela ngikugcinele ize konke lowo muntu anakho ehlane ukuba angalahlekelwa lutho lwakho konke okwakhe, ngokuba ungibuyisele okubi ngokuhle.

2 iziKronike 6:9

kepha wena awuyikwakha indlu , kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.

2 uSamuweli 17:11

Ngalokho ngiyaluleka ukuba wo nke u -Israyeli abuthane kuwe , kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba , ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.

2 uSamuweli 1:19

Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!

2 uSamuweli 1:26

Ngidabukile ngawe mfowe thu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi ; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.

3 kaJohane 1:6

abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla ; uzakwenza kahle , uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;

AbAhluleli 4:9

Wathi kuye: Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho , ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane . Wayesesuka uDebora , wahamba noBaraki , baya eKedeshi.

AbAhluleli 7:10

Kepha uma wesaba ukwehla, yehla noPhura udibi lwakho, niye ekamu;

AmaHubo 102:10

Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.

AmaHubo 121:3

Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele ; okulondolozayo akayikozela.

AmaHubo 23:4

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa , angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

AmaHubo 34:13

Londa ulimi lwakho kokubi , nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

AmaHubo 35:28

Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho , usuku lonke ngodumo lwakho.

AmaHubo 38:1

Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

AmaHubo 45:3

Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe , kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.

AmaHubo 50:19

Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso.

AmaHubo 51:15

Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.

AmaHubo 52:2

Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo , wena owenza amacebo.

AmaHubo 68:23

ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini , ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.

AmaHubo 6:1

Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.

AmaHubo 76:7

Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?

AmaHubo 79:13

Khona thina bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

AmaHubo 79:6

Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.

AmaHubo 85:3

Wamukisa yonke intukuthelo yakho , waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.

AmaHubo 85:5

Uyakusithukuthelela njalonjalo na ? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

AmaHubo 88:16

Ulaka lwakho olushisayo lungehlele; ukwesabisa kwakho kungiqedile.

AmaHubo 90:11

Ngubani owaziyo amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengakho ukwesabeka kwakho na?

AmaHubo 90:7

Ngokuba siyaqedwa yintukuthelo yakho, nangolaka lwakho siyabhubha.

AmaHubo 91:12

Ziyakukuthwala ngezandla, ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni.

AmaHubo 9:14

ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.

IsAmbulo 11:18

nezizwe zazinolaka , kepha kwafika ulaka lwakho , nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo , nokunika umvuzo izinceku zakho , abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho , abancane nabakhulu , nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.

IsAmbulo 2:4

Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:2

Makangange ngokwanga komlomo wakhe ! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:4

Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Abangane: Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Umakoti: Kufanele ukuba bakuthande.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:10

Lumnandi kangakanani uthando lwakho , dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho , kunewayini, nephunga lamafutha akh o kunamakha onke!

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:11

Izindebe zakho , makoti wami , ziyaconsa izinyosi ; uju nobisi kukhon a phansi kolimi lwakho , nephunga lezambatho zakh o linjengephunga laseLebanoni.

IzAga 1:15

ndodana yami , ungahambi nazo endleleni , unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,

IzAga 25:10

funa okuzwayo akuhlazise, nodumo lwakho lungabuyi.

IzAga 25:17

Unyawo lwakho malungavami endlini yomak helwane wakho, funa adinwe nguwe, abuye akuzonde.

IzAga 3:23

Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka , ungaqhuzuli unyawo lwakho.

IzAga 3:26

ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho , agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

IzAga 4:26

Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane , ziqine zonke izindlela zakho.

IzAga 4:27

Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo ; chezukisa unyawo lwakho ebubini.

IzAga 5:9

funa unike abanye udumo lwakho, naye ononya iminyaka yakho,

KuFilemoni 1:5

uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele,

KuFilemoni 1:7

ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane. UPawulu ukhulumela u-Onesimu

KumaHeberu 9:23

Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.

NgokukaJohane 5:11

Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo nguyena othe kimi : Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.

NgokukaJohane 5:12

Bambuza bathi: Ngubani lowo muntu othe kuwe : Thabatha uhlaka lwakho uhambe, na?

NgokukaJohane 5:8

UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.

NgokukaLuka 4:11

Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikulinde, nokuthi: Ziyakukuthwala ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.

NgokukaLuka 5:24

Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono , wayesethi kofe uhlangothi : Kuwena ngithi : Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

NgokukaMarku 2:11

ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

NgokukaMarku 2:9

Yikuphi okulula ukuth i kofe uhlangothi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?

NgokukaMarku 9:45

Uma unyawo lwakho lukukhubekisa , lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni , emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili,

NgokukaMathewu 18:8

Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

NgokukaMathewu 4:6

wathi kuye : Uma uyiNdodana kaNkulunkulu , ziphonse phansi ; ngokuba kulotshiwe ukuthi : Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.

NgokukaMathewu 9:6

Kepha u kuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono -- khona wathi kofe uhlangothi : Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

U-Eksodusi 32:11

UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?

U-Eksodusi 32:12

AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi : Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba . Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho.

U-Esteri 6:10

Yayisithi inkosi kuHaman i: Shesha, uthathe is ambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.

U-Isaya 20:2

ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo.

U-Isaya 22:18

Uyakukuthandela nokuku thandela njengokuthandelweyo , akulahle njengegabade ezweni elibanzi . Uyakufela khona , lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho wena hlazo lendlu yenkosi yakho.

U-Isaya 58:13

Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isa batha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo , nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo , uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,

U-Isaya 60:19

Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini , nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukh azimula ebusuku ; uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

U-Isaya 63:15

Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

UDuteronomi 10:21

Uludumo lwakho , unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.

UDuteronomi 11:10

Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino,

UDuteronomi 11:24

Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela e hlane naseLebanoni naseMfuleni , umfula u -Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.

UDuteronomi 22:8

Nxa wakha indlu entsha , uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.

UDuteronomi 28:35

UJehova uyakukushaya emadolwen i akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo , kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.

UDuteronomi 28:65

Phakathi kwalezo zizwe awuyikuthola ukuthula , kungabikho kuphumula ematheni onyawo lwakho , kepha uJehova uyakukunika khona inhliziyo eqhaqhazelayo, nokuphela kwamehlo, nokudangala komphefumulo,

UDuteronomi 33:29

Ubusisiwe wena Israyeli ; ngubani ofana nawe , isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho , oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.

UDuteronomi 8:4

Izingubo zakho azikugugelanga , nonyawo lwakho aluvuvukalanga le minyaka engamashumi amane.

UGenesise 35:11

UNkulunkulu wathi kuye: NginguNkulunkulu uSomandla ; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe ; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

UGenesise 38:18

Wathi: Ngikuphe sibambiso sini na ? Wathi: Indandatho yakho, nentambo yakho, nodondolo lwakho olusesandleni sakho . Wamupha, wangena kuye ; wakhuliselwa nguye.

UHabakuki 2:16

Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo , uphuze nawe , wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.

UHabakuki 3:8

UJehova uyathukuthelela imifula na ? Ulaka lwakho luvuthela imifula , nentukuthelo yakho ulwandle , lokhu ukhwele amahhashi akho , nezinqola zakho zokunqoba, na?

UHezekeli 21:25

Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,

UHezekeli 21:6

Kepha wena ndodana yomuntu, bubula, ububule ngomunyu emehlweni abo ngokwaphuka kokhalo lwakho.

UHezekeli 25:4

bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.

UHezekeli 35:11

ngalokho, kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafel e wona ngokubazonda kwakho , ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela.

UHezekeli 3:26

Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

UHezekeli 44:30

Lonke ulibo lokuqala lwakho konke nayo yonke iminikelo yakho konke eminikelweni yenu yonke kuyakuba ngokwabapristi, nimnike umpristi ulibo lomgqakazo wenu ukuhlalisa isibusiso phezu kwendlu yakho.

UHezekeli 4:4

Futhi lala ngohlangothi lwakho lwasokhohlo , ubeke ukona kuka -Israyeli phezu kw alo; ngokomumo wezinsuku zokulala kwakho ngalo uyakuthwala ukona kwabo.

UHezekeli 4:6

Nxa usuziqedile lezi , uyakulala ngohlangothi lwakho lokunene , uthwale ukona kwendlu yakwaJuda , ngikunqumele izinsuku ezingamashumi amane , yilolo nalolo suku lube ngumnyaka.

UHezekeli 4:9

Futhi zithathele ukolweni , nebhali, nobhontshisi, nembumba, nonyaluthi, nesipelite, ukubeke esitsheni sibe sinye , uzenzele isinkwa ngakho ngokomumo wezinsuku oyakulala ngazo ngohlangothi lwakho , izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, usidle.

UHezekeli 6:11

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Shaya ngesandla sakho , udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli! Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

UHoseya 13:9

Ngukuchithwa kwakho, Israyeli, ngokuba uphambene nami, usizo lwakho.

UJeremiya 14:21

Ungasideleli ngenxa yegama lakho , ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.

UJeremiya 2:16

Nabantwana baseNofi naseThahipanesi baphuca ukhakhayi lwakho.

UJeremiya 2:2

Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho , nothando lwakho , usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.

UJeremiya 2:25

Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo , nomphimbo wakho ukuba ungomi ; kepha wathi : Kuyize; cha, ngithandile abafok azi, ngiyakubalandela.

UJeremiya 32:23

bangena balidla , kepha kabalilalelanga izwi lakho , abahambanga emthethweni wakho , abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.

UJeremiya 50:31

Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.

UJobe 18:4

Wena ozidwengula olakeni lwakho , umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho , nedwala lisuswe endaweni yalo, na?

UJoshuwa 14:9

UMose wafunga ngalolo suku , wathi: Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

UJoshuwa 5:15

Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshuwa : Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho , ngokuba indawo omi kuyo ingcwele . UJoshuwa wenze njalo-ke.

ULevitikusi 2:14

Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova , wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo , amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,

UMika 4:13

Suka ubhule , ndodakazi yaseSiyoni , ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi , nezinselo zakho ngizenze insimbi ; uyakuchoboza abantu abaningi, kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

UNehemiya 2:6

Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani , nokubuya kuyakuba nini na ? Kwaba kuhle -ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.

UNumeri 14:15

Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:

UNumeri 18:13

Ulibo oluvuthwa kuqala lwakho konke okusezweni lakubo a baluletha kuJehova luyakuba ngolwakho ; yilowo nalowo ohlambulukileyo endl ini yakho uyakukudla.

UNumeri 27:20

Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.

UmShumayeli 5:1

Gcina unyawo lwakho , lapho uya endlini kaNkulunkulu , ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula , ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.