"lwendlu"
21 occurrences in ZUL
Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini ; wenza amaka melo asezinhlangothini nxazonke;
Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini ; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.
Bavuka ekuseni ; kwathi kusantwela , uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.
Abalindi bema , kwaba yilowo nalowo enezikhali zakhe esandleni sakhe , kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngase-altare nasendlini nxazonke zenkosi.
Wamisa abantu bonke , kwaba yilowo nalowo enesikhali sakhe esandleni sakhe, kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngase-altare nasendlini nxazonke zenkosi.
Amaphiko amakherubi ayeyizingalo ezingamashumi amabili; iphiko lelinye laliyizingalo eziyisihlanu , lathinta odongeni lwendlu ; elinye iphiko nalo laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta ephikweni lelinye ikherubi.
Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu , lathinta odo ngeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo , lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi.
Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni , wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza ; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.
Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.
Ngiyaqwasha, nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.
Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise , inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.
Ngasona leso sikhathi kwavela iminwe yesandla somuntu , yaloba maqondana nothi lwezibani kokunamekiweyo kodonga lwendlu yenkosi ; inkosi yabona inxenye yesandla esalobayo.
Isakhiwo esasiphambi kwendawo eyahlukanisiweyo ngasentshonalanga , ububanzi baso babuyizingalo ezingamashumi ayisikhombisa; uhlonze lodonga lwendlu lwaluyizingalo eziyisihlanu nxazonke , nobude balo buyizingalo ezingamashumi ayisishiyagalolunye.
Wayeselinganisa udonga lwendlu : yizingalo eziyisithupha ; nobubanzi bamakamelo ezinhlangothi: yizingalo ezine nxazonke zendlu emaceleni onke.
Amakamelo ezinhlangothi ayemathathu elakanyene elinye phezu kwelinye , engamashumi amathathu ngomumo . Angena odongeni olwalungolwendlu lwamakamelo ezinhlangothi nxazonke ukuba abambelele kulo, angabambeleli odongeni lwendlu.
Abayikuthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo , kepha bathathe izintombi zozalo lwendlu yakwa -Israyeli, noma umfelokazi ongumfelokazi wompristi.
Wayesengibuyisela emnyango wendlu ; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumal anga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi , ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.
umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa , abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu,
Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
Base bephuma abantu, balanda lokho, bazenzela amadokodo, kwaba yilowo nalowo opha hleni lwendlu , nasemagcekeni abo , nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi, nasesigcawini seSango lakwa- Efrayimi.
UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala , ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.