Skip to Content

"lwenkosi"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:14

UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye , uHadadi wakwa -Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi.

1 kwabaseKorinte 1:8

yena oyakuniqinisa nani kuze kube sekupheleni, ningabi nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.

1 kwabaseKorinte 5:5

onjalo anikelwe kuSathane kukho ukubhubha kwenyama , ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi uJesu.

1 kwabaseThesalonika 5:2

ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.

1 uSamuweli 21:8

UDavide wathi ku -Ahimeleki: Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.

2 AmaKhosi 25:25

Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.

2 kaPetru 3:10

Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.

2 kwabaseKorinte 1:14

njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu , njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu. UPawulu uchasisa isizathu sokungafiki kwakhe eKorinte

2 uSamuweli 6:20

UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.

IsAmbulo 1:10

NgangikuMoya ngosuku lweNkosi , ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,

IzAga 14:28

Udumo lwenkosi lungobuningi babantu , kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.

IzEnzo 2:20

Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu noluqhamileyo lweNkosi.

KumaHeberu 11:27

Ngokukholwa was hiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi ; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

U-Eksodusi 32:22

Wathi u-Aroni: Ulaka lwenkosi yami malungavuthi ; uyabazi abantu ukuthi bathanda ububi.

U-Esteri 2:1

Emva kwalokho lapho ulaka lwenkosi u -Ahashiveroshi selubohlile , yamkhumbula uVashiti nalokho akwenzileyo , nalokho okumenyezelwe ngaye.

UDaniyeli 1:3

Inkosi yakhuluma ku -Ashipenazi, induna yabathenwa bayo , ukuba athathe kubantwana bakwa-Israyeli abozalo lwenkosi nezikhulu, abalethe,

UHoseya 7:5

Ngosuku lwenkosi yeth u izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini ; yona yayiselulela izideleli isandla.

UJeremiya 41:1

Kwathi ngenyanga yesikhombisa u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka - Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka -Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.

UJeremiya 46:10

Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti , usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye . Inkemba iyakudla isuthe , izanelise ngegazi labo , ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inom hlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.