Skip to Content

"lwesabatha"

29 occurrences in ZUL

IzEnzo 13:14

Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e -Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.

IzEnzo 16:13

Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona ; sahlala phansi , sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.

IzEnzo 1:12

Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha.

NgokukaJohane 19:31

Khona abaJuda , ngokuba kwakungolokulungisela , ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha , ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.

NgokukaLuka 13:14

Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabath a, waphendula, wathi kuso isixuku: Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo ; ngakho-ke anoza ngazo , niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.

NgokukaLuka 13:16

Kepha lona , eyindodakazi ka -Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili , bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?

NgokukaLuka 14:5

Wathi kubo: Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini , angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?

NgokukaLuka 4:16

Wafika eNazaretha , lapho wayondliwa khona , wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.

NgokukaLuka 4:31

Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile . Wayebafundisa ngosuku lwesabatha.

U-Eksodusi 20:11

ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba , nolwandle, nakho konke okukukho , waphumula ngosuku lwesikhombisa ; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.

U-Eksodusi 20:8

Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

U-Eksodusi 31:15

Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa , kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa.

U-Eksodusi 35:3

Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha. Inkongozelo yetabernakele*

UDuteronomi 5:12

Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.

UDuteronomi 5:15

Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezwe ni laseGibit he nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.

UHezekeli 46:1

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Isango legceke elingaphakathi , elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza , kepha ngosuku lwesabatha liyakuvulwa , livulwe futhi nangosuku lokwethwasa kwenyanga.

UHezekeli 46:12

Lapho isikh ulu siyakulungisa umnikelo wesihle , umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova , siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga , silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha , bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.

UHezekeli 46:4

Umnikelo wokushiswa isikhulu esiyakunikela ngawo kuJehova ngosuku lwesabatha uyakuba ngamawundlu ayisithupha angenasici nenqama engenasici;

UJeremiya 17:21

usho kanje uJehova , uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha , ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;

UJeremiya 17:22

futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha , ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,

UJeremiya 17:24

Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela , usho uJehova , ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha , nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,

UJeremiya 17:27

Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha , ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.

UNehemiya 10:31

nokuba lapho abantu bezwe beletha impahla , noma uhlobo oluthile lwamabele ngosuku lwesabatha ukuba bathengise ngakho, singathengi kubo ngesabatha nangosuku olungcwele , futhi siwuyeke umnyaka wesikhombisa nazo zonke izikwenetu.

UNehemiya 13:15

Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele , bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini , namakhiwane, nemithwalo yonke , bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha ; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.

UNehemiya 13:17

Ngase ngiphikisana nabakhulu bakwaJuda , ngathi kubo: Okubi kuni lokhu enikwenzayo, nilona usuku lwesabatha na?

UNehemiya 13:19

Kwathi lapho amasango aseJerusalema eseqala ukuba mnyama lingakafiki isabatha, ngathi mazivalwe izivalo , ngathi futhi mazingavulwa lize lidlule isabatha, ngabeka ezinye izinceku zami ngasemasangweni ukuba kungangeniswa mthwalo ngosuku lwesabatha.

UNehemiya 13:22

Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule , eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.

UNumeri 15:32

Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.

UNumeri 28:9

Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa: