Skip to Content

"makaqalekiswe"

19 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 14:24

Abantu bakwa -Israyeli babecindezelwa ngalolo suku , kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi , ngingakaziphindiseli ezitheni zami. Akwabakho muntu owezwa ukudla.

UDuteronomi 27:15

Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo , isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.

UDuteronomi 27:16

Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:17

Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:18

Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:19

Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi , nesentandane, nesomfelokazi. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:20

Makaqalekiswe olala nomkayise , ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:21

Makaqalekiswe olala nesilwane. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:22

Makaqalekiswe olala nodadewabo , indodakazi kayise noma indodakazi kanina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:23

Makaqalekiswe olala nomkhwekazi . Bonke abantu bayakusho ukuthi : Amen.

UDuteronomi 27:24

Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:25

Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala , achithe igazi lakhe. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UDuteronomi 27:26

Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze . Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.

UGenesise 27:29

Abantu mabakukhonze, izizwe zikukhothamele; yiba yinkosi yabafowenu , amadodana kanyoko akukhothamele ; makaqalekiswe okuqalekisayo , abusiswe okubusisayo.

UGenesise 9:25

Wathi: Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.

UJeremiya 20:15

Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba , ethi: Uzalelwe umntwana wesilisa, emthokozisa nokumthokozisa.

UJeremiya 48:10

Makaqalekiswe owenza umsebenz i kaJehova ng okunganakekeli, aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

UJoshuwa 6:26

UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi , wathi: Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko ; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.

UMalaki 1:14

Makaqalekiswe okhohlisayo , okukhona emhlambini wakhe i duna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo ; ngokuba ngiyinkosi enkulu , usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.